A song about Jesus
Akekho umuntu oyigugu kuMkhrestu njengeNkosi uJesu Khristu. Ngakhoke akumangazo ukuthola iculo lendumiso kwiTestamente Elisha eligxile ngokuphelele kwizimilo nemisibenzi aphumelele kuyo uJesu.
KwabaseKholose 1:13-14 uMphostoli uPawuli uyanaba kabanzi ngomsebenzi wokusindisa kaNkulunkulu uBaba. Njengalokhu kuvele kulindelekile, Indodana kaYise ethandekayo iyabalulwa njengaLowo okuNgaye izono zethu zixolelwe. Uma ekufundeni kwakho ungeqa kusuka kuvesi 15 kuya ku20, bese uphinde uqala ukufunda kuvesi 21, uzoyithola incazelo ngensindiso iqhubeka kungathi akukaze lwabakhona okuphazamisile.
Yize kunjalo, amavesi u15 kuya ku20 akhona. Futhi adinga ukuchazwa. Ayikho enye incazelo ngaphandle kokuthi uPawuli wayegajwe yinkazimulo kaKhristu, ngangokuthi waqhuma ngalokho okungangabazeki ukuthi yiculo leTestamente Elisha. KanjengaMahubo eTestamente Elidala lona ligcwele iqiniso ngoNkulunkulu, kodwa ngokwamazwi esambulo seTestamente Elisha.
Lifunde kancane njengendlela mhlawumbe elalingabe laliculwa ngayo. Dlinza ngomusho ngamunye. Kwangathi lingakhuthaza imizwa yakho ngothando onalo ngeNkosi.
