Sunday Sermon: Hearers vs Doers
Incwadi ekaJakobe 1:22-25 ifanelekile kakhulu kulesihloko:
Yibani ngabalenzayo izwi, ningabi ngabalizwayo nje kuphela, nizikhohlisa. Ngokuba uma umuntu engolizwayo izwi, engesiye olenzayo, lowo ufana nomuntu obuka ubuso bakhe bemvelo esibukweni; uyazibuka, athi angahamba, akhohlwe masinyane ukuthi ubenjani. Kepha lowo obukisisa emthethweni opheleleyo, umthetho wenkululeko nohlala kuwo, engesiye nje olizwayo bese ekhohlwa, kodwa engowenzayo umsebenzi, lowo uyakuba ngobusisiweyo ekwenzeni kwakhe.
Ngakube uyilowo ozwayo “bese ekhohlwa”, noma “ohlala” kulo?
Nazi izinto ezimbili okumele uzenze ukuze usuke ekumeni yilowo ozwayo kuphela bese ekhohlwa, uye ekubeni yilowo olwenzayo ahlale ngokuqhubekelayo kulokho.
- Ngesikhathi sentshumayelo: Thuthukisa ukulalelisisa kwakho Thola iBhayibheli elihle, ipeni nepensela elihla bese wenza izinhlobo ezimbili zamanothi. Yenza amanothi maqondana nokuchazwa kwevesi elifundiwe, kakhulu kazi amagama anothile namaqoqwana amagama athanda ukuba nzima. Futhi, yenza amanothi amancane alokho okuhlabe umxhwele ngenkathi kusethulwa intshumayelo. Kuthuthukise ukulalela kwakho kulawo maminithi ayi-50.
- Ngemuva kwentshumayelo: Jimisa umphefumulo wakho
Zibhalele imibuzo yokubuyekeza bese ubona ukuthi ungakwazi kahle kangakanani ukuyiphendula. Futhi, bona ukuthi ungakwazi ukubheka ubone izimo ezithile lapho ungathatha lokho okufunde kwintshumayelo ukusebenzise kuleloviki kulesosimo osinombolile. Ngemuva kwalokho, khuleka ngokwalelovesi– ukuba uliqonde , futhi namandla okuba ulenze ngesibindi. Thatha umphefumulo wakho uyise ejimini!
