Marriage: The Family Foundation
Umhlaba ucabanga ukuthi umndeni ocebile yiwona umndeni ojabule– kodwa ingcebo ayiwenzi umndeni uthandane—eminye yemindeni enenjabulo enkulu yimindeni ehlwempu. Izwe licabanga ukuthi kubaluleke kakhulu ukusebenza isikhathi esengeziwe emsebenzini kunokuba nomndeni– kodwa ukufaka umsebenzi ngokwesikhathi esimisiwe akuyenzi imindeni ithandane kakhundlwana, kunalokho kuyaphamabana. Izwe licabanga ukuthi imidlalo yiyona eyi-glue egcina imindeni ihlangene, kodwa manje siyaphela isikhathi sezemidlalo, bese usuyabona ukuthi umdlalo bekuyinto yokuthiphazisa isikhashana.
Imishado ejabule yenza imindeni ejabule, nenothando. Ubaba owesaba uNkulunkulu nomama onakekelayo benza imindeni ejabule ethandanayo
Incazelo kaNkulunkulu ngomshado kaAdamu noEva kuGenesisi 2:24 wukuthi umshado uhlelelwe ukwakha imindeni emisha. Ukushiya uyise nonina, unamathele komunye, bese nihlanganisa impilo entsha ndawonye.
Incwadi KwabaseEfesu 6:1 iyala obaba ukuba baqeqeshe izingane zabo ngezindlela zikaNkulunkulu. Ukufunda izibalo nesayensi kunga tholakala ngokufuna usizo ngaphandle kwizikhungo zezemfundo, kodwa amaqiniso kamoya nobuhlakani bempilo buhle kakhulu uma bufundiswa obaba ezinganeni zabo.
Incwadi kuThithu 2:4 iyala omama ukuba bathande abantwana babo. Odokotela bangabelapha abantwana, abaqeqeshi bangaba qeqesha, kodwa uthando luzwakala kahle luvela kumama luya kubantwana.
UNkulunkulu wahlela umshado ukwakha umndeni—ukwakha umndeni owazi uNkulunkulu, nothandanayo.
