Unmistakable key to successful parenting
Ukungashintshi, ukungathukutheli, ukudla (kakhulukazi kubafanyana!), kanye nezinto ezilindelekile ezichazwe zacaca konke kungezinye zezinto ezisemqoka ezenza ukwazi ukuyihamba ngempumelelo iminyaka yokuba ngumzali okwanoma yimiphi iminyaka. Ngisho nelizwe lihlala hlale likubone ukuthi imigomo yobuzali uNkulunkulu asinikeze yona eZwini Lakhe iyona impela enomehluko phakathi kokuba umzali okuhle nokubi.
Kodwa kukhona okunye okusemqoka okuqondene nokuba umzali osekubekhona kwizikulwane eziningi futhi kwaphumelela, kodwa kukancane uzwe kuphathwa ezincwadini ezikhuluma ngokuba umzali. Ngokukamangazi, Imibhalo ibilokhu ikusho sonke lesisikhathi, kodwa kumpintsheke phakathi kwezihloko ezihlukene maphakathi neBhayibheli, futhi bambalwa kakhulu abake babeka amehlo abo kukona.
Olungileyo uhamba ngobuqotho;babusisiwe abantwana bakhe!
IZaga 20:7
Ngokobuhlakani obukwiZaga, lelivesi liqinisekisa umqondo ojwayelekile, okulula ukuwucubungula,kodwa unothile ngenjulo esemqoka ebuzalini obuyimpilo—yiba ngonobunkulunkulu ngokungokwakho
Kuyiqiniso ukuthi abantwani bafundiseka ngemithetho ehleliwe nangakushaya ngenhloso yokulungisa. Kodwa abantwana bafunda ubuqotho ngokubukisisa. “Angikaze ngimubone ubaba ethukuthele” noma “uma wayehlezi enento enhle ukuyisho ngabanye abantu” noma “Abazali bami babehlezi bebuyisana ngemuva kwengxabano” lobu obunye bobufakazi obunikezwa yizingane esezingabantu abadala manje ngokulunga kwabazali bona qobolwabo abaphila ngobuqotho obusobala.
Ukuyibeka kalula, ubuqotho ukuphila ngokungashintshi lezozinto ozikholelwayo ngesiqiniseko. Abazali abazibophezele ngokuqinile kuNkulunkulu, Izwi Lakhe, neBandla Lakhe bazohlezi beba nomthelela kubantwana babo onezinto ezikholelwa ngesiqiniseko ezifanayo. Uma abantwana bekhula beba badala ngokungokwabo, kungenzaka lokho okukholelwa ngesiqiniseko abakufunde kubazali bakuphile ngendlela ehlukile kweyabo imishado nakwizimo ezinye, kodwa kuyobe kusayizona izinto ezikholelwa ngesiqiniseko ezifanayo.
Kuyiqiniso, ukuthi okuyiwona umthelela ohlala kade ezimpilweni zabantwana, yimpilo yansuku zonke yonke abayibuka beyiqoqa ndawonye. Noma ukuyibeka ngenye indlela, abazali asebezibophezele ekulungeni sebevele bayisibusiso kubantwana babo.
