Ngakube uNkulunkulu umthanda kahle ngokwanele ukuthi umthande ngesikhathi Sezinhlupheko?

Do you love God well enough to love him during Afflictions?

Ngakube usamthanda uJesu? Ngakube uthando lwakho ngoNkulunkulu lusabumbene kukona konke ukwesaba nokuhlupheka okusabalala emhlabeni wonke? Ngakube uNkulunkulu umazi kahle ngokwanele ukuthi ngesikhathi sezinkinga awubungabazi ubuhle nothando Lwakhe? Ngakube ubuqaphele ubunjalo beqiniso bukaNkulunkulu nendlela aphatha ngayo abantu ngangokuthi awushiyeki udidekile noma ugcwele ukwesaba lapho kugadla inhlekelele?

Ngesikhathi uJobe ezwa okulahlekelwa okunzima kwayo yonke into ayeyithanda, waphendula kulabo abanomqondo wokuthi okwenzekile kufana nokudaliwe(Jobe 2:9) waphendula ngokukholwa okuqinile ku ‘Buhle’ bukaNkulunkulu ngamazwi athi, “Siyakwamukela okuhle kuphela yini kuNkulunkulu, asiyukwamukela yini nokubi na?” (Jobe 2:10b). Ngalolosuku lwempilo yakhe lwaphetha ngalenhlaziyo: Kukho konke lokho uJobe akonanga ngomlomo wakhe.(Jobe 2:10c).

Ngisho noFaro ngesikhathi sikaEksodusi, yize wayengakholwa kuNkulunkulu, akakwazanga ukuphika “ukulunga’ kukaNkulunkulu lapho ehlushwa ngohhide lwezinhlupho, wabe eseqinisekisa “Kulokhu ngonile; uSimakade ulungile, mina nabantu bami sinecala.” (IEksodusi 9:27).

Ngesikhathi iNkosi uDavide ibhekene nesijeziso ngenxa yesono sakhe, wakhetha ukuhlushwa okuza ngesandla sikaNKulunkulu Qobolwakhe kunokuthi kufime impi ngesandla sabantu, ngoba wayazi ukuthi, ngokungafani nokwabantu, UNkulunkulu unomusa omkhulu ( 2 USamuweli

UMphostoli uPawuli ,uma ecabangisisa ubunzima bakhe abhekane nabo kwimpilo yasemhlabeni (Filiphu (4:11-12), wafakazela umusa kaKhristu onikeza amandla kukona konke ngamazwi adumile, “Ngingakwenza konke ngaye ongiqinisayo.” (KwabaseFiliphi 4:13)

Ziningi ezinye izindaba okungakhulunywa ngazo zabantu ababemazi uNkulunkulu kahle ngokwanele ukuthi ngesikhathi sokufika kwenhlekelele, bangaqinisekisa ukuthi uNkulunkulu usangu Nkulunkulu, ukuthi konke Yena akwaenzayo kulungile, ukuthi Yena unomusa omkhulu, nokuthi uyasiqinisa kuzona zonke izimo zethu.

Scroll to Top