A Weekly Plan for Godliness – Saturday
nokho zejwayeze ukumesaba uNkulunkulu, ngokuba ukuvocavoca umzimba kusiza kancane, kodwa ukwesaba uNkulunkulu kusiza ezintweni zonke, futhi kunesithembiso kulokhu kuphila nakulokho okuzayo.
1KuThimothewu4:7b-8
UMgqibelo: YENZA ENYE INTO
Ngiyazi ukuthi akukho okuhle kubo kunokuthokoza nokuzithokozisa, inqobo nje uma besaphila, futhi kuyisipho esivela kuNkulunkulu, asipha umuntu ukuba wonke umuntu adle, aphuze, athokozele wonke umshikashika wakhe.
UMshumayeli3:12-13
okufihlwe kuye wonke amagugu okuhlakanipha nawokwazi.
KwabaseKholose 2:3
Akungabazeki ukuthi ubuzibuza ukuthi “ukwenza enye into” kwipost yokuqala yalezizifundo ezilandelanaya kungani. “Ukwenza” kuqhamuka kwincwadi Umshumayeli 3:12-13—impilo kufanele ibe ukuphokophelela okunentokozo “kokwenza okuhle”. Kungcono ukwenza okuthize kungokungenzi lutho. Ukufuna ngokunyakaza ukwenza okuthize, ngisho nokuphumula, kungcono kunongenzi lutho.Ingxenye ka “yenza enye into” u- “enye into” wukwenza into ehlukile kunaleyo ovame ukuyenza. Sivame ukusebenzisa impelasonto ukwenza izinto esizifunayo, kodwa inselela kulabo abalangazelela ubunkulunkulu, ukwenza kahle kwabanye.
- Shintsha indlela obuka ngayo izinto. UMgqibelo akusiwo “owami” UMgqibelo unikezelwe kuwe nguNkulunkulu ukuba ube “nenjabulu futhi wenze okuhle” “kwabanye”.
- Yenza icebo. Zinikele komunye umuntu namhlanje. Mema umuntu ukuba nizo phuza itiye, hamba uye esibhedlela ufunde ibhayibheli ukhuleke nesiguli esingasodwana, yenza umsebenzi owumiselwe oshadelwe naye. Funda ikhono elisha. Khonza umphakathi ngandlela thize. Nquma isihlahla sakho esesilengele kwamakhelwane.
- Yiba nokwenza okusha: Nanoma yini ozinikele ekuyenzeni namhlanje, hamba uyenze ngentokozo ngenxa yokufuna ukukhombisa uthando kulabo abaseduze kwakho.
