A Weekly Plan for Godliness – Sunday
nokho zejwayeze ukumesaba uNkulunkulu, ngokuba ukuvocavoca umzimba kusiza kancane, kodwa ukwesaba uNkulunkulu kusiza ezintweni zonke, futhi kunesithembiso kulokhu kuphila nakulokho okuzayo.
1KuThimothewu4:7b-8
ISonto: IYA ESONTWENI
masisondele ngenhliziyo eqinisileyo nangokwethemba kokukholwa okupheleleyo, zifafaziwe izinhliziyo zethu konembeza ababi, nomzimba wethu ugeziwe ngamanzi acwebileyo. Masibambisise isivumo sethemba lethu; singantengantengi, ngokuba uthembekile lowo owethembisayo. 24 Masinakekelane, ukuze kuvuswe uthando nemisebenzi emihle. 25 Singakuyeki ukuhlangana kwethu njengoba kungumkhuba wabanye, kodwa sigqugquzelane, ikakhulu njengokuba nilubona usuku lusondela.
KumaHebherus 10:22-25
Kuzona zonke inzinsuku, ISonto kumele libe lula kunazo zonke ukuzijwayeza ukumesaba uNkulunkulu. Ngempela lokhu kusobala kakhulu, kodwa sekuphele iminyaka engaphezulu kwezinkulungwane ezimbili abhalwa lamavesi angenhla,kodwa umzimba kaKhristu usemsileni ohlwini lokuzibophezela lalabo abazibiza ngamakholwa. Amanye Amakhrestu awajwayele ukuza esontweni ngangokuthi uma efika emabandleni akuwo njalo kuba yinto emangalisayo. Amanye Amkhrestu, athembekile ebandleni likaKhristu ngangokuthi uma egeje iSonto elilodwa, abanye bayathuka bezitshela ukuthi kunento embi ebehlele.
- Hlela ukuya. Abaningi abangayi esontweni namhlanje, benza kanjalo ngoba abazengevele bahlela ukuya. Mhlambe uhlelile, kodwa ukuya kwenye indawo. Noma, uhlele ubusuku bangoMgqibelo obuhle kakhulu, ngendlela yokuthi nawe usukholelwa kulento ethi “ISOnto wusuku lwami lokulala”. Hlela ukuya esontweni, uphinde uhlele ukuthi yini ezodingeka ukuthi icebo lakho lisebenze.
- Hlela ukuhlala. Hamba uye esontweni elikunikezela isifundiso seZwi likaNkulunkulu, elidinga ukuba ube nenhlanganyelo nabanye abazalwane, elilindele ukuthi ukhonze abanye abazalwane ngezindlela ezenza wena ube ngothobekile kuMoya Ongcwele.
- Hlela ukuphinda uye. Hlela ukuba neSonto elilandelayo elingcono. Hlela kusemanje ukuba noMgqibelo opjhela kusekahle maqondana nesikhathi ukwenzela ukuthi umndeni usheshe ulunge kungaze kudinge ubange umsindo ngeSonto ekuseni. Njengokusho kwelinye iqoqo labazalwane ababesabancane “ISonto liqala ngoMgqibelo ebusuku”
