Clarity on Christian Meditation
Bengifunda ngasengahlangana nalenkulumo “ukudlinza’. Ukudlinza yisimilo esinganikiwe mhlampe ngoba asiqondisiswa ngendlela. Kwincwadi yakhe iKnowing God, uJ.I Packer ucacisa ukuthi kuyini ukudlinza okungokweBhayibheli.
“Ukudlinza umsebenzi wokuletha emqondweni, nokucabanga uphindelela, nokuhlala kulokho, nokubhekisa kuwena, izinto ezhlukene umuntu azaziyo ngomsebenzi nezindlela nezinjongo nezethembiso zikaNkulunkulu. Wumsebenzi wokucabanga okugcwele, owenziwa ngenhloso ebukhoneni bukaNkulunkulu, ngaphansi kweso likaNkulunkulu, ngosizo likaNkulunkulu, njengendlela yokuba nenhlanganyelo noNkulunkulu.”
Uyichaza ngalendlela elandelayo injongo yokudlinza:
“Injongo yokudlinza ukucacisa umbono womuntu anawo ngokwengqondo nangokomoya ngoNkulunkulu, nokuvumela iqiniso Lakhe ukuthi libe nomthelela ngokugcwele futhi kahle emqondweni nasenhlizweni yomuntu. Lokhu kuthatha ukuthi umuntu akhulume noqobolwakhe ngoNkulunkulu, impela, ngokuvamile kuyinto yokuba nempikiswanno noqobolwakho, uzicacisela ngezizathu qobolwakho ukuba ukwazi ukuphuma kwizimo zokungabza nokungakholwa ungene ekuqondeni okucacile kwamandla kaNkulunkulu nomusa Wakhe.”
Ukudlinza koMkhrestu ngamanye amazwi akusikona ‘ukuthulula ingqondo’ noma into exakile, ewumlingo, noma ukukhuthaza imizwa. Kunalokho, kuwukusebenzisa ngokuhlosile Iqiniso elambuliwe eMibhalweni eNgcwele ukuqondisa imicabango yomuntu kuzona zonke izinto.
Umphumela wokudlinza yisikhathazo esihle kakhulu “sokuba nenhloso yokuzobuyisa usebenzisa Iqiniso”
uJoshuwa 1:8-9
“Le ncwadi yomthetho ayiyukusuka emlonyeni wakho; uyakuzindla ngayo imini nobusuku, ukuze uqikelele ukwenza njengakho konke okulotshwe kuyo. Ngokwenzenjalo uyokwenza indlela yakho ichume, ube nenqubekelaphambili. Ngiyakuyala manje: qina, ume isibindi; ungesabi, ungadikibali, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wakho unawe noma kuphi lapho uya khona.”
Ezinye zezibonelo ezinhle kakhulu zalokhu nenhloso yokudlinza itholakala kwiHubo 77. Hamba ulifunde, udlinze ngalo ukuze nawe uzoqina ume isibindi kulomhlaba.
