A housewife’s heart
UNkosikazi osebenza umsebenzi wasekhaya uke abhekane nezimo ezingajwayelekile zokuthandeka nokwenziwa inhlekisa ngasikhathi sinye. Ekuthandekeni, abaningi bayaqaphela ukuthi bangezwakali kungathi behlisa isithunzi uma besebenzisa igama ‘housewife’, kodwa uma kuqondene nokudelela bayakunqaba kwayikona ukuthi bona qobolwabo bamataniswe nokwenza umsebenzi we ‘housewife’ noma ukwenza indlela ukuthi amakhosikazi abo enze lowo msebenzi. Abanye futhi, yize ngenhliziyo yabo yonke bewuthanda umsebenzi wenkosikazi eyenza umsebenzi wasekhaya, abakwazi ukuzihlukanisa nezinto ezilindelekile ngokwezimali nokungcebeleka okuqondene nezimpilo zabo, ngokuvamile bayalingeka ukuthi babe nokuba casukela okungekho sobala labo abasethubeni lokuthi benze umsebenzi wasekhaya. Beke futhi– njengoba kukanjalo kwizigaba ezisabalele zempilo—kunalobo abangamakhosikazi enza umsebenzi wasekhaya, ngezizathu ezahlukene, abafisa engathi abawenzi. konke lokuzizwa ngezindlela ezahlukene ngokuba u-‘housewife’ kwenza lokhu kube iyona ndlela yokuqala inkulumompikiswano, ukushay’wa unembeza, ukuzisekela, ukuzidabukela, ukubandlululeka, noma ukucasuka. Yize kunjalo, Umbhalo uyakhuluma ngaloludaba, ngaleyendlela lusinikezela ubuhlakani bokwenza amakhosikazi akahle enza umsebenzi wasekhaya.
Ngokuvamile okuyikona okuswelakele ekuthandeni, noma ekudeleleni inkosikazi esebenza ekhaya, ukunombola inhliziyo yenkosikazi esebenza ekhaya. Ukuba ngunkosikazi osebenza ekhaya akuchazwa “wukusebenza ekhaya”, noma “ngokukhulisa abantwana”, noma “ngokuphokophelela umsebenzi othile”, noma nangezinye izinto ezibekwe njengezinga lokuziqhathanisa. Esikhundleni salokho, eMibhalweni yonke, yinhliziyo okuyiyo echaza ikhwalithi yenkosikazi esebenza ekhaya. Lekhwalithi ihlukanisa amakhosikazi asebenza ekhaya aqotho kulawo analeligama nje, kodwa futhi lihlukanisa abafazi abanobunkulunkulu okuthi ngenxa yezizathu ezahlukene abakwazi ukuzibophezela ukusebenza ekhaya, kulabo abathi bengakwazi ukukwenza kodwa abakufuni.
Inhliziy yomfazi yakhelwa ukusekela, nokuthanda, nokunakekela umndeni wakhe.
Pat Ennis and Lisa Tatlock,
Designing a Lifestyle that Pleases God, Moody, 2004, p. 137.
Lekhwalithi yenhlinziyo ichazeka kahle ngamagama amabili athi “abantu phambili”.
Ukuthi ngithi “abantu phambili” ngichaza ukuthi yinhliziyo enomgomo wokubeka abantu phambili ngokwezigaba zabo. Okuyikona okusobala nokuphezulu ohlwini lokubeka abantu phambili lwenkosikazi esebenza ekhaya, umyeni wayo nabantwana bayo (KuThithu 2:4) nabanye abendlu yakhe (Izaga 31:15, 21,27). Kowesifazane osekhulile okungenzeka akasenaye umyeni nabantwana, okuhamba phambili ohlwini lwakhe abasefazane abasebancane (kuThithu 2:3), nabanye abazalwane ebandleni akulo ( 1 kuThimothewu 5:10). Kuthi uma wehla kancane, kodwa eduzane naphezulu ohlwini labo abesifazane abasebencane nasebengabafelokazi, kubakhona ukunakekela abampofu ( Izaga 31:20, 1 kuThimothewu 5:10). Okuyikona okuhlaba umxhwele kulezindlela zabesifazane ababili abanenhliziyo efanayo, wukuthi ohlwini lwabo abekho bona. Njengalokhu omama abenza kahle bekuvezile lokhu kuzona zonke izikhathi zempilo, ukuzibeka phambili yinto esekugcineni kwindlela yokwenza yomama. Lokho kuyiqiniso naku nkosikazi onobunkulunkulu ngokusezingeni lenhliziyo. Uyathanda, uyakhuthaza, uyathoba kumyeni wakhe ngaphezulu kokwenza kwabanye amadoda, futhi uyathanda anakekele abantwana bakhe ngaphezulu kokuba enakekela abanye abadingile. Lokhu wubuhlakani obusobala bokuphumelelisa ikhaya lakhe kunomsebenzi abewufisa, ukuthobela umyeni wakhe ngaphezu kokuthoba kumqashi, ukubumba abakhe abantwana kunokubumba amaphupho akhe. Ugculisekile ngokuthi athi ‘Cha’ ekungcebelekeni, kwezezimali kanye nakumsebenzi onozinzo enzela ukubeka phambili abantu abasohlwini lwakhe.
Igama elithi phambili kwiqoqwana lamagama elithi “abantu phambili” libalulekile. Okokuqala, inkosikazi eyenza umsebenzi wasekhaya enobunkulunkulu ayizishayi indiva ezinye izinto eziphathekayo zempilo; ikwazi ukuphatha indlu yonke ukuze kuzuze abantu abakuyona. Ngokusobala lokhu kuyabonakala kwiZaga 31 lapho owesifazane okhutheleyo ehlonishwa hhayi kuphela ngenxa yokunaka umndeni nendlu yakhe, kodwa nangamakhona nolwazi anakho. Okwesibili, ukuthi umuntu uyinkosikazi esebenza ekhaya lokho akuchazi ukuthi uhlukile kunomndeni wakhe. Okuyikona okuhloniphekile ngenkosikazi esebenza ekhaya kunalowo nkosikazi noma umama owenza kahle wukuthi kuwona wonke umsebenzi wakhe empilweni, usetholile indlela yokubeka abantu abasohlwini lwakhe alinikezelwe nguNkulunkulu phambili kunayo yonke enye into. Inhlizyo yenkosikazi esebenza ekhaya inika amandla amaningi kubantu abafanele ngaphezulu kokuphokophelela ezinye izinto. Uhlezi ezotholakala, enzela uma kwenzeka kunethuba lokunezezela esinye isipho sothando kwindawo lapho kugcinwa khona umcebo womshado wakhe, ikhaya lakhe, abendlu yakhe, kunye nebandla lakhe. Kunezigaba ezisobala kwizinto zansuku zonke ekumele azenze.
Owesifazane wenziwa futhi wahlomiswa ngokuhlukile – ngokokucabanga, ngokwemizwa, ngokomqondo, nangokukamoya—enziwa nguMenzi wakhe ukuba abe yilowo onikezela anakekele impilo. Kwizindlela zakhe eziningi, wanikizelwa ngamandla okwengeza impilo, ubuhle, ingcebo, umusa, nentokozo emndenini. Ayikho indlela ukufaneleka nokuphumelela kwakhe okungalinganiswa ngayo njengowesifazane edlula leyo yokuzinikela ukukhonza umndeni wakhe njengenhliziyo yekhaya.
Nancy Leigh DeMoss,
Lies Women Believe, Moody, 2001, p. 127.
Inkosikazi esebenza ekhaya kungenzeka ikwazi ukugcina umhlaba wonke usebenza kwiminyaka eyikhulu ezayo, kodwa kunalokho inhliziyo yakhe igcwaliswe ngokufuna izindlela zokubeka abantu phambili abasohlwini lwayo.
