Ukuphazamisa ukwesaba nokukhathazeka

Interrupting Fear and Worry

Izinhlelo zokusakaza ezinakho kokubili izindaba eziyiqiniso nezingamang, uWhatsApp onemibono yabantu nemiyalezo elokhu ifowadwa, izindaba ezithinta umhlaba wonke kanjalo nezinkinga zezwe, izinkinga zomuntu ngayedwa nokwesaba…..yiwona lo umhlaba esiphila kuwona. Yimpilo egcwele ukukhathazeka okwedlulele nokungahlaliski ungazi yini elandelayo ezokwenzeka.

Kodwa abangcwele beNkosi banecobo elingcono kakhulu lokuphazamisa ukwesaba nokukhathazeka. KwiHubo 56 uMhubi ugcwalisa umkhuleko wakhe ngemininingwane yokusaba nokukhathazeka kwakhe, bese-ke eseziphazamisa ngesiqiniseko seZwi likaNkulunkulu ukuthi lisafanelekile noNkulunkulu uQobolwakhe usaNguye othembekile.

Mhla ngesabayo ngiyokwethembela kuwe.
KuNkulunkulu engidumisa izwi lakhe

KuNkulunkulu ngibeka ithemba lami

angiyikwesaba

IHubo56:3-4

Bese futhi, agcwalise imikhuleko yakhe ngamaqiniso asemhlabeni okusaba kwakhe nokukhathazeka, kodwa futhi abe nokuziphazamisa okubusisekile.

KuNkulunkulu engiyakulidumisa izwi lakhe,
kuSIMAKADE, engiyakulidumisa izwi lakhe,
Ithemba lami likuNkulunkulu, angiyikwesaba.

IHubo56:10-11

IHubo liphetha ngokuthi “ukuze ngihambe phambi kukaNkulunkulu, ekukhanyeni kwabaphilayo”.

Sidinga ukulingisa uMhubi bese sihlala ngokuphazamisa ukwesaba nokukhathazeka kwethu ngesiqiniseko sokuthi Izwi likaNkulunkulu lifanelekile, nokuthi uNkulunkulu uQobololwakhe usathembekile. Bese, noma izinkinga zethu ziqhubeka, singakwazi ukwazi ukuthi sihamba phambi kukaNkulunkulu ngokucaciseleka nangomdlandla.

Scroll to Top