Ukudelela ngokubukela phansi noma ukuphana

To despise or to be generous

Owedelela umakhelwane wakhe uyona,

kodwa lowo onomusa kwabampofu ubusisiwe.

Izaga14:21

Abampofu bakhona eduzane kwethu ngokwezindlela ezahlukahlukene. Abanye abampofu bakanjalo ngenxa, hhayi kuphela amaphutha adlulile, kodwa ubuwula nesono okuqhubekelayo. Besekuthi abanye bampofu, laba abampofu okukhulunywa ngabo kwiZaga, ngenxa yokuthi basetshenziswe ngabanye ukwenza ngabo inzuzo noma bahlangabezana nomshophi omkhulu yize ngokungokwabo benesimilo nokuziphatha okuqotho.

Izaga 14:21 zidabula phakathi kukona konke lokho bese zibhekane nenkinga esenhlizweni. Uma lowo okholelwa kuNkulunkulu ebona ompofu, akumele kubekhona ukudelela ngokumbukela phansi lowomuntu ngenxa yobuphofu. Kunalokho, kumele kubekhona umoya wokupha. Isono sokudelela ngokumbukela phansi umuntu ngoba ehlupheka kumele masiyekwe, Kunalokho, phana. Nikela kwabampofu ngokomoya wokuphana. Unganikeli ngomqondo wokuzibona uphezulu, kodwa ngokuthokoza futhi ngokuphana okukhuthazwa ukuthi isandla sokhohlo masingazi ukuthi esokhohlo senzana (Mathewu 6:3).

Ocindezela ompofu usola uMenzi wakhe,

kodwa onomusa kontulayo

uhlonipha uMenzi wakhe.

Izaga14:31

Scroll to Top