The gospel changes women
Elinye lamaqoqo omphakathi ashintshwayo ngenxa yeVangeli abasefazane abasemiphakathini yethu. Ngenxa yemvelo yesono kuwona wonke amadoda, abasifazane ngokwemvelo bayehliswa isithunzi, bahlukunyezwe noma bashaywe indiva. Amazwe alawulwa ngalokho okushiwo yiMibhalo ukuthi kuyinkolo yamanga, isikhathi esiningi anemithetho ethusayo ebekelwe abesifazane. Isibonelo, kulungile ukuba indoda ibe nabafazi abaningi, kodwa umfazi ukhandwa ngamatshe aze afe uma eke wasolwa ukuba uphingile. Amazwe aphakamisa ubukhazikhazi bempilo anemithetho evikela abesifazane abahlukunyeziwe nabanganakekelwe, kodwa ngeshwa aphinde ngokufanayo ehlise isithunzi sabo abesifazane ngokubayenga ibasuse kubayeni babo nabantwana ngokubathembisi ukwaneliseka okukhulu okuza ngazozonke ezinye izinto, ngaphandle nje kwalokho okuyiyona indima yabo esungulwe nguNkulunkulu.
Yivangeli kuphela elishintsha ngokweqiniso izimpilo zabantu besifazane ukuba zibengcono. Kwincwadi enaba kabanzi ngokholo, amaHebheru 11sithola abesifazane ababili amagama abo ( nguSarah noRahabi) kanjalo nabanye abaningi abesifazane abakholwayo .
Laphake kumaHebheru 11:38, uNkulunkulu uthi, kuwona wonke amaqhawekazi enkolo, kubalwa nabaningi abesifazane, uNkulunkulu uthi:
[ngabesilisa nabesifazane laba] izwe (e)lalingabafanele,
Abanye babesifazane eMbhalweni babaluliwe ngenxa yokholo lwabo oluqinile, ngenxa yalokho babefanelwe okungaphezulu kwalokho impilo ebekwe amazwe asemhlabeni angayithembisa uhlobo olunje lwabesifazane. Abesifazane abakhulu ngokweMibhalo abesifazane abaphila izimpilo zabo ngokomphumela ukukholwa kweqiniso okunawo kubona. Ukukholwa kuba yizinga okufanele bonke abesifazane baphile ngalo uma befisa ukuthola ukwaneliseka kulokhu kuphila, bese babe ngabesifazane lelizwe elingabafanele ngisho ukubafanela. Abanye besifazane bokholo baziwa ngobunkulunkulu babo ngenxa yeziga ezihlukile kakhulu. Kodwa, abaningi babesifazane bokholo ababalulekile eMbhalweni amagama abo aqoshwe ingunaphakade emakhasini oMbhalo ngenxa nje yempilo nezenzo ezisobala, ezijwayelekile zobunkulunkulu, bevumela nsuku zonke isifundiso seVangeli loqobo likaJesu Khristu ukuba libenomthelela ofanele kwindlela abacabanga ngayo nabenza ngayo izinto nsuku zonke.
Isibonelo:
IZenzo 16:14-15
Owesifazane owayengashadile, engusomabhizinisi, ezinikele ekunakekeleni, labo ngokoMbhalo, “abafanelwe ukutuswa ngokuphindwe kabili”- labo abamukhonza ngeVangeli.
1 EkaPhethro 3:4-6
Owesifazane oshadile, kulokhu odumile, waphakanyiswa, kodwa hhayi ngenxa yokuzala indodana yesithembiso, kodwa ngokwenza umsebenzi omuhle wokubheka umyeni wakhe ngokwegunya elimiswe nguNkulunkulu phezu kempilo yakhe.
AmaHebheru 11:31
Owaseifazane owayenesimilo esithandabuzekayo wakazi ukwemukela amadoda amabili endlini kwakhe engenazo nhlobo izinhloso ezingcolile ngenxa yokuba wayesazile ngoNkulunkulu Owengamele izinto zonke, ngakho wazahlukanisa nalabo abangalaleli.
IVangeli liyayishintsha impilo yawo wonke owesifazane oseke waba nethuba wezwa isifundiso esiphilile wabe esethobeka kuso ngentokozo. IBandla likaKhristu uJesu ligcineka liphilile ngenkathi lapho abesifazane ebandleni bethintwa isifundiso esiphilile seVangeli.
Kanjalo nabesifazane abadala mabaziphathe ngokufanele ubungcwele, bangabi yizinhlebi, nezigqila zewayini, kodwa babe ngabafundisi bokuhle, ukuze bagqugquzele abesifazane abasebasha ukuba bathande abayeni babo, nabantwana babo, babe ngabanengqondo, abamsulwa, abaphatha kahle amakhaya abo, abalungile, abathobela abayeni babo, ukuze lingahlanjalazwa izwi likaNkulunkulu.
KuThithu 2:3-5
