Ubuhlakani bencwadi yeZaga buse zingeni eliphezulu. Ukubekwa ngokusondelana kwezinkulumo ezimbili ezisho izinto eziphikisanayo, kuqukethe iziyalo eziphathekayo zalokhu kuphila ngaphezu kwalakho kwabafundisa i-life orientation, okuyisifundo ngokuphila kwalelizwe.

Ungasiphenduli isiwula njengobuwula baso, funa ufane naso.

Phendula isiwula njengobuwula baso, funa sibe ngohlakaniphileyo emehlweni aso.

Izaga 26:4-5

Kunini lapho ophendula khona ogxekayo, kunini lapho ungacela khona uxolo ngenhlonipho usuke uhambe umshiye yedwa? Ngokwalamavesi, into ewubuhlakani ukuthi ucabange ukuthi yini ezoba nomthelela omkhulu kwingxoxo. Uma, njengoba isaga sikhombisa, ukukhuluma nalowo ogxekayo kuzophelela ekutheni nawe ugcine sewenza njengaye, yehlela ngezansi asikho isidingo saleyo ngxoxo. Kodwa uma, njengoba iSaga sesibili sikhombisa, ukukhuluma nogxekayo kuzomenza abone ngenye indlela lokhu abekucabanga ngenxa yeQiniso olivezile kuyena, lapho ke qhubeka impela ngokusebenzisa ukuvuthwa, umusa, kanye nobuhlakani beZwi likaNkulunkulu.

Ningalingisi leli lizwe, kodwa niguqulwe isimo ngokwenziwa ibe yintsha ingqondo yenu ukuze nikwazi ukuhlolisisa okuyintando kaNkulunkulu, okuhle, okuthandekayo, nokupheleleyo.

KwabaseRoma 12:2