Ngiyazi ngisindisiwe ngoba…

I know I am saved because

Ubunjalo bemvelo yensindiso ngokuvamile abucaciswa ngendlela yilabo abangaMakhrestu. Ngakho akumangazi ukuthi amakhrestu amaningi anokungaqondi okubi kakhulu ngensindiso. Isiqiniseko sethu sensindiso sihambelana nokuqonda kwethu ngensindiso, ngakho ukungayiqondi ngendlela insindiso kulimaza isiqiniseko sethu ngensindiso.

Nazi ezinye izinkulumo ezivamisile ukushiwo uma kukhulunywa ngensindiso ezingelona iqiniso, ekumele zigxekwe mayelana nokungaqondi okukhulu labo okuthiwa amakhrestu abanakho.

Ngisindiswe ngoba ngaphakamisa isandla ngayaphambili

NginguMkhrestu ngoba nganginguye vele

Ngisindisiwe ngoba ngamema uJesu enhlizweni yami

Ngisindisiwe ngoba ‘ngiyamthanda uJesu’

Ngisindisiwe ngoba ngakhula singamakhrestu ekhaya ngase ngagcina leyomigomo noma sengimdala.

Ngisindisiwe ngoba ngiya kohlanganyela ebandleni laMakhrestu futhi nginabangani abangaMakhrestu kuphela.

Ngisindisiwe ngoba nginenhliziyo enhle futhi nginakekela izinto naMakhrestu azinakekelayo njengabafelokazi, izintandane nabampofu.

Ulwazi okungesilo olulungile ngensindiso luzibonakalisa kwindlela esithi sibona ngayo insindiso kwabanye abantu abakholwayo.

Loya gogo olungile ohlala laphaya fanele ukuba usindisiwe ngoba impilo yakhe yonke uzinikele ekusizeni labo abaswele.

Loyamuntu olaphaya kwiTV fanele ukuba usindisiwe ngoba uyalazi iBhayibheli futhi igama likaJesu ulibiza kakhulu ukudlula amanye Amakhrestu.

Izigxoxo ezifuze lezi sezigcwele emiphakathini, ezitolo zezincwadi, emisakazweni kanye nakwizinhlelo zenkolo kumabonakude, bese ngenxa yalokhu kube yindlela nathi esicabanga ngayo siphinde sikhulume ngayo.

Kuyiqiniso ukuthi eziningi zalezinkulumo ziyiqiniso njengezinto ezingaba yingxenye yempilo yalowo onguMkhrestu, kodwa ayikho kuzona eshaya emhloleni ngokuthi yini insindiso. Noma kunjalo, kodwa Imibhalo akusiyona ekumele ingxekwe ngokungabi nokuqonda okukahle, ngoba Imibhalo icace ngokusobala ngobunjalo bemvelo yensindiso. Ngokwe Mibhalo, insindiso ibala kuphela ukukholwa yiqiniso elikhuluma ngoJesu. Insindiso ifaka phakathi ukuziphika uqobolwakho ube ngumlandeli kaJesu. Insindiso ifaka phakathi nokulahla izono zakho bese uhamba njengalokhu uJesu ahamba. Insindiso idinga umusa kaNkulunkulu ukuba unikezelwe ukukholwa kuNkulunkulu osindisayo. Insindiso ingukuxolelwa ngokuphelele kwezono ngenxa yokubakhona kokuvuma nokwamukela icala lezono nokucela umusa wokuxolelwa. Ngakho insindiso akusilona nje ushintsho lokuba umuntu oziphatha kahle nongcono ngokukamoya, Insindiso ukushintsha ngokuphelele usuka entweni embi uye entweni enhle, usuka entweni egcwele ubumnyama nokufa uye entweni egcwele ukukhanya nempilo.

Ngokuba uma umuntu ekuKhristu, uyisidalwa esisha, okwakuqala kudlulile; sekuvele okusha. 18 Konke lokho kuvela kuNkulunkulu owenza ukuba sibuyisane naye ngoKhristu,

2 KwabaseKhorinte 5:17-18a

Scroll to Top