Ukubhekana noHulumeni ngendlela enobuhlakani

Dealing wisely with Government

Kunezinto ezimbalwa ezikhombisa ngokusobala ukuvuthwa koMkhrestu ngaphezu kombono anawo maqondana nohulumeni ophethe izindaba zelizwe. Ngakho akumangazi ukuthi akulona kuphela iTestamente Elisha eligcwele imiyalelo ngokubhekana nohulumeni (Makhu 12:13-17; Roma 13:1-7; 1 Thimothewu 2:1-3; Thithu 3:1), kodwa nencwadi equkethe ubuhlakani bezikhathi zonke incwadi yeZaga.

Umuntu ohlakaniphile uzo,

  • hlonipha uhulumeni namandla akhe (Izaga 24:21-22),
  • qaphela izenzo zakhe phambi kwabanamandla (IZaga 23:1-3; 25:6-7),
  • cela ushintsho ngokubekezela nobumnene (IZaga 25:15),
  • bona ukulawula kukaNkulunkulu phezu kukahulumeni (IZaga 29:26).

Engathi, kakhulukazi lokhu okubili ngasekugcineni, kungaguqula imikhuleko kanye nezenzo zethu uma sekuziwa ngakushintsho esifisa lwenzeke kuhulumeni namahhovisi akhe ezidingo zomphakathi ahlukahlukene. Ukuhlakanipha kunikezelana ukukhululeka- kuzame lokhu uma uphinda uma kulayini omude uma uya kunoma iliphi ihhovisi likahulumeni!

Ngakube ungumuntu ohlakaniphile noma oyisiwula kubudlelwano bakho nohulumeni wakho?

Scroll to Top