Meditation for Beginners
Ukudlinza, ukuziphatha okuhle kwaMakhrestu kodwa sekuhlwithwe izinkolo zamanga. Ukudlinza ngokokumiswa nguNkulunkulu ukuba kwenziwe, kumiselwe into engaphezulu kunokuba nje nomqondo ovulekile, nokuba nomzimba onempilo enhle, nokuzazi ukuthi ungubani njengomuntu. Ilokho odlinza ngakho okuyikho okubalulekile ekuhlukaniseni ukudlinza kweqiniso koMkhrestu kulokho okuningi okunhlobonhlobo osekusungulwe ngabantu besikhathi samanje.
Ukudlinza koBukhrestu akukhonhlobo ngokuthi wenze ukuba kungabibikho lutho emqondweni, ngoba amakhrestu kumele njalo ahlezi “eguqulwa” engqondweni yawo ( KwabaseRoma 12:2). Ukudlinza koBukhrestu futhi akukho ngokugxila ezintweni eziphathekayo njengokuphefumula, imizwa yakho noma imisindwana emihle yemvelo nokukhanya. Ukudlinza koBukhrestu akukho futhi ngokugxila emandleni omlingo athile akuzungezile noma ngokuxhumana namandla omoya abathile abanamandla.
Ukudlinza koBukhrestu bumayelana neNcwadi nje kwaphela- Ukuziveza kukaNkulunkulu kumuntu. Umhlaba wenza okufanele uma uthemba ukuba uzothola impumelelo ngakho ukudlinza, kodwa kumele kube ukudlinza okuzijwayeza amaqiniso amakhulu Ombhalo ( Jushuwa 1:8; Psalm 1:2-3). Kodwa ke inhloso yokudlinza, izimpande zakho azikho ekutheni ube nempilo engcono, kodwa kunalokho, ukudlinza ukunquma ngokwentando yakho ukubumba ukucabanga kwakho ukuba kwamukeleke kuNkulunkulu ezingeni lokucabanga (Amahubo 19:14)
Enye yezinto ezithokozisayo ngokudlinza koBukhrestu ukuthi akudingi isikhathi esithile esibalulekile kunesinye, usiko oluthile olubukeka lungcono. Kunalokho, ukudlinza isenzo esihlezi sivivile sokudumisa sayoyonke imizuzu evelayo.(Amahubo 63:6)
Mhlawumbe incazelo engcono yokuthi kuyini ukudlinza, itholakala kuMahubo 77:6 lapho Ohubayo ecindezelwe yimpilo bese ngokudlinza “nomoya wami uyahlolisisa”. Ukudlinza kuwo uMbhalo kuyilento uGoogle ayiyo kwi-internet- ukudlinza isenzo sokuhlolisisa ngalolonke ulwazi loMbhalo esinalo emiqondweni yethu ukufuna izincazelo zalempilo, ukululekwa ngokomphefumulo, kanjalo nokuholelwa kwizinqumo ekumele sizithathe. Akumangazi ukuthi simelwe ukuhlezi “yenziwa ibe yintsha ingqondo yethu” ngasosonke isikhathi!
Ngakho kubalulekile ukuthi siphinde sikuqinise ukuthi ilokho odlinza ngakho okuhlukanisa ukudlinza kweqiniso kulokho okunhlobonhlobo osekusungulwe ngabantu. Okuyikona kona, okwenziwe nguNkulunkulu, ekumele kubeyikho esidlinza ngakho njalo, Imibhalo (Amahubo 119;15, 48, 99)- Ukuziveza Kwakhe uNkulunkulu kumuntu ngokobunjalo Bakhe nangemisebenzi Yakhe (amahubo 145:5).
Umthetho wakho ngiwuthanda kakhulu. Ngizindla ngawo usuku lonke.
Amahubo 119:97
