Ukulalela noma ukuthobela iziphathimandla ngezindlela eziningi kuwuphawu lwaMakrestu. Incwadi kwabaseRoma 8:7-8 ikuchaza kahle ukuvukela kwethu uNkulunkulu okusuka ekujuleni kwethu kanye nokumelana Naye esasiyikona singakasindiswa. Ikuchaza ngalamagama, “Ngokuba ukucabanga komuntu esenyameni kungubutha kuNkulunkulu, lokhu akuwuthobeli umthetho kaNkulunkulu, futhi akusoze kwawuthobela, ngokuba abasabuswa yimvelo abanakumthokozisa uNkulunkulu”.

Kodwa kusukela ngesikhathi sisindiswa, siyaphenduka simelane nosathane bese sithobela uNkulunkulu (Jakobe 4:7).

Amakrestu athobela uBaba (Hebheru 12:9)

Amakrestu, njengebandla, athobela uKrestu (Efesu 5:24)

Amakrestu ayathobelana okuyindlela yokukhombisa ukuthobeka kuKrestu (Efesu 5:21).

Abafazi abangamakrestu bayabathobela abayeni babo kungathi bathobela iNkosi (Efesu 5:22,24; Kholose 3:18; 1 Phethro 3:1)

Amakrestu athobela abangabaholi kuwo ( 1 khorinte 16:15-16; Hebheru 13:17; 1 Phethro 5:5.

Amakrestu asebenzayo athobela abaqashi bawo ( Thithu 2:9; 1 Phethro 2:18).

Amakrestu athobela uhulumeni wawo wasemhlabeni ngezigaba zakhe (Roma 13:1,5; Thithu 3:1; 1 Phethro 2:13-14).

Ukuba nguMkrestu kusho ukuba ngothobekile

Izinto ezimbili kuphela uMkrestu angathobeki kuzona ilapho isiphathimandla esincane siphambana nesiphathimandla esikhulu (IZenzo 5:29), noma lapho kukhona ongesiye uNkulunkulu ofuna kwengezwe imisebenzi noma izindlela zokukhonza (Galathiya 2:3-5; Galathiya 5:1-3; Kholse 2:20). Uma kuziwa ngakwimithetho enqabela ukwenza okuthize kanye nelawula ukwenziwa kokuthize empilweni, ngokujwayelekile Amakrestu ayathobeka.

Yize noma kwesinye isikhathi uNkulunkulu esinikezela incasiselo yokuthobeka ngaphansi kwezimo ezahlukene empilweni yethu, kodwa ukuthobeka akuncikile kwizimo ezithize ezinencaziselo. Isibonelo, kwabaseRoma 13:1-7, uNkulunkulu uchaza ukuthi kungani sidinga ukuthobela uhulumeni, kodwa asikho nesisodwa isizathu kulencazelo esinikezela ukuthi yisimo esinjani ekumele uthobeke ngaphansi kwaso.

Sidinga ukuthobela imithetho nemigomo kahulumeni ngoba,

  1. Ukumelana nohulumeni kuwukumelana noNkulunkulu (Roma 13:2),
  2. Uhulumeni uyisikhubekiso kulabo abenza kabi (Roma 13:3)
  3. Bayizisebenzi zikaNkulunkulu ukusenzela okuhle nokwehlisela isijeziso (Roma 4)
  4. Unembeza wethu kumele ube msulwa (Roma 13:5)
  5. Bayizikhonzi zikaNkulunkulu (Roma 13:6),
  6. Ngoba uNkulunkulu usho kanjalo (Roma 13:7)

Yilezi izizathu eziyisithupha zokuthobela iziphathimandla ezingabantu, asikho nesisodwa kuzona ezinikikwe “ngoba umthetho wabo wakha umqondo nakuwena”. Amakrestu anikizelawe izizathu eziyisithupha zokuthobela uhulumeni ngisho kuthiwa lezozizathu aziwakhi umqondo. Noma, ukubeka ngenye indlela, “kwakha umqondo” kuMkrestu ukuthobela imigomo kahulumeni naleyo “engawakhi umqondo”. Izizathu zokuthobela abasemagunyeni zisukela kumqondo kaNkulunkulu, hayi kumqondo kahulumeni, hayi ngisho nakumqondo wethu.

Ukukukhuthaza ngokugcizelela ukuze uzocabanga ngalendlela, uNkulunkulu usinikezele kwenye incwadi kwisambulo Sakhe indlela yokusikhuthazela ekuthobekeni ngentokozo, ngaphandle kokukhononda, ngaphandle kokuthukuthela, sithobeke kuhulumeni osinikezela imithetho ebukeka ingenakho ukusicabangela, futhi mhlampe ephambana ngisho nempilo yobukrestu imbala. Ku 1 Phethro 2:13-17, sithola umyalelo wokuthobela uhulumeni ngaphansi kwesimo la khona uhulumeni ehlasela Amakrestu. Futhi nala, umqondo kaNkulunkulu osilungiselela ukuthi sikwazi ukuthobeka.

Thobelani bonke abantu abasezikhundleni ngenxa yeNkosi, noma ngabe yinkosi njengalokhu isesikhundleni, noma ngabe ngababusi, njengokuba bethunywe yiyo ukuba babajezise abenza okubi, kodwa batuse abenza okuhle, ngokuba injalo-ke intando kaNkulunkulu; ukuba ngokwenza okuhle, nithulise ukungazi kwabantu abayiziwula. Nina ningabakhululekileyo, kodwa ningakwenzi ukukhululeka kwenu kube yisembozo sokubi, kepha ziphatheni njengezinceku zikaNkulunkulu. Bahlonipheni bonke, nibathande abazalwane, nesabe uNkulunkulu, futhi niyihloniphe inkosi.

Ababusi belizwe bathunyelwe nguNkulunkulu ukwenza umsebenzi oqondene nokuthile. Intando kaNkulunkulu maqondana nathi esikholwayo, ithe ukuhluka kancane. Intando kaNkulunkulu ngathi ukuthi “ sithuluse ukungazi kwabantu abayiziwula” ngokuthi senze okuhle. Sidinga ukusebenzisa inkululeko yethu njengaMakrestu ukukhombisa ngobufukazi ukuthi siyizikhonzi zoMunye uMbusi. Bheka, thina sineQiniso abantu abangenalo. Sinomqondo omningi wokubuku izinto empilweni abangenawo labo abangamesabi uNkulunkulu. Sinemithetho ngempilo evela kuMenzi wempilo Qobolwakhe. Sinomqondo okhanyiselwe, inhliziyo eguquliwe kanye nobudlelwano noNkulunkulu. Ngamanye amazwi, sinethuba elihle ekuphileni kulomhlaba labo abangakholwa abangenalo. Uma siqhathanisa nathi, kunalabo kulencwadi abachazwe njengalabo “abangazi” futhi “abayiziwula”. Intando kaNkulunkulu ngathi uma kuqhathaniswa nabo, ukuthi singaziboni njengalabo abakhululekile ngangcono kunabo, kodwa kunalokho simelwe sisebenzise inkululeko yethu ukubakhombisa ukuthi ngubani iNkosi. Sikwenza lokho “ngokwenza okuhle”.

Ngakho uma sibuyele kumqondo ebesiwuveza, uma ababusi belizwe bebeka imithetho nemigomo phezu kwethu engawenzi umqondo kithina, thina sifanelwe ukwenza kahle, ngokuthobela leyomigomo, ngendlela yokuthi “ukungazi kwalabo abayiziwula” kungenakukwazi ukukhuluma into engekho ngeNkosi yethu.

ngokuba injalo-ke intando kaNkulunkulu; ukuba ngokwenza okuhle, nithulise ukungazi kwabantu abayiziwula. Nina ningabakhululekileyo, kodwa ningakwenzi ukukhululeka kwenu kube yisembozo sokubi, kepha ziphatheni njengezinceku zikaNkulunkulu