Ukuxosha Intobeko

Keeping humility away

Intobeko ezinye zezimilo esivumelanayo ukuthi siyasidinga, mhlawumbe siyasifuna, kodwa uma sesibhekene nobunzima, siyibuyisela eceleni.

Lokhu kungenxa yokuthi intobeko yilapho uqobolwakho luyinto yokugcina ezintweni zonke.

Kodwa izinhliziyo zethu zilangazelela ukuthi thina sizibeke phambili kwizimo zonke- hhayi ekugcineni.

IBhayibheli lingucwepheshe ekuvezeni obala amaqhinga esiwasebenzisayo ukuxosha intobeko. Cela UMoya akuvule amehlo kulezizithiya ezinhlanu ezivimbela intobeko empilweni yethu.

Isithiya # 1 : “Konke kungami”

KwabaseFiliphi 2:3 bayasilungisa ukuba silahle konke ukuzicabangela thina kuqala bese sisebenzisa intobeko ukubhekana nomunye. UPawuli (KwabaseFiliphi 1:12) no Ephafrodithu ( Filiphi 2:30) bayizibonelo zendlela okuyiyona efanele.

Isithiya #2: “Angiyilutho” newele laso elibi “Ngibaluleke kakhulu”

KwabaseGalathiya 5:26 basixwayisa ngokuzibona singababalulekile kakhulu, ukuchukuluzana, nokuhlezi ucabanga ngamashwa akuvelele.

Qaphela isono sokuziqhathanisa- ngabe ukuzenza wena ube mkhulu, noma ukuzenza ube ngophansi. Ungacabangi ukuthi uphezulu kakhulu, futhi ungacabangi ngawe kakhulu.

Isithiya #3: “ Imibono yami nalokho engikuncamelayo kudinga ukuba kuzwakale”

KwabaseRoma 14:13-16 basifundisa ukuba singahluleli abanye ngezinto thina esizincamelayo, kodwa basibuyisele eceleni esikuncamelayo ngenxa yabanye abacamela okuhlukile. Imibono yakho yokuthi yikuphi okuhle ingaba ngemihle kakhulu, kodwa uma isiba isithiya ekwakheni ubudlelwano namanye Amakrestu, lapho ke umbono wakho, noma mhlawumbe ungaba muhle, uzobonakala umubi.

Isithiya #4: “Izikhalazo zami zihlezi kungezizwakalayo, ngakho ukukhalaza kwami kuhle”

EkaJakobe 5:9 ayishiyi lutho ngaphandle. Kunalokho, funda isifundo kulabo abakwiMibhalo abahamba kahle phambi kukaNkulunkulu kodwa abahlangabezana nobunzima obukhulu kunobakho (EkaJakobe 5:10-11). Zifundise ukubekezela ngaphansi kwezimo zakho.

Isithiya #5: “Ngizofakazeleka”

Lelophupho lokuthi “ngizofakazeleka” liphiwa umfutho indlela yalelizwe yokubuka amalungelo abantu, kunokuyibuka ngeBhayibheli. 1 KwabaseThesalonika 5:15 basiyala ngendlela ehlukile kunaleyo- yenza kahle ngisho kungathiwa uyafakazeleka.

Intobeko ayikhuli uma lezizithiya ezinhlanu uzivumela ukuba zikhule.

UJonathan Edwards kuthathwa amazwi akhe lapho ethi: Ayikho into eyenza usathane angafinyeleli kumuntu ukudlula intobeko.

Singayibeka ngenye indlela sithi: Ayikho into eyenza singafinyeleli kwintobeko ukudlula lezizithiya ezinhlanu

Scroll to Top