Sinini isikhathi esihle sokukhuleka? Impendulo emfushane ithi: Sonke iskhathi! Njengoba kuke kuthathelwe emazwini kaMartin Lloyd-Jones uma ethi: “ Wuvumele ngasosonke isikhathi umuzwa ofikayo ukuthi ukhuleke”

UDaniyeli wayenendlela enhle kakhulu yokulandela isikhathi sokukhuleka. UDaniyeli ubekhuleka ngokwenqubo emisiwe, kanjalo futhi asebenzise izehlo zosuku ukumgqugquzela ukuba akhuleke.

Kwathi lapho uDaniyeli esazi ukuthi umbhalo ulotshiwe, wangena endlini yakhe, amafasitela ayesekamelweni lakhe eliphezulu ayevulekele ngaseJerusalema, waguqa ngamadolo kathathu ngosuku, wakhuleka, wabonga uNkulunkulu wakhe, njengalokho ayenzile kuqala.

UDaniyeli 6:10

Kokubili iqiniso elithusayo lomthetho owawususayiniwe omelene nokukhonza kweqiniso, kanjalo nenqubo yakhe yokukhuleka kwahlangana la ukunikezela lesisibonelo somkhuleko.

Yiba nalezozikhathi zokukhuleka lapho uzokwazi ukukhuleka ungawedwana. Futhi, sebenzisa izigameko zosuku ukukugqugquzela ukuthi ukhuleke,

Khulekela ukubonga ngalokho onakho;

Khulekela ukucela lokho okudingayo.

Khulekela uqobo lwakho;

Khulekela abanye.

Khuleka lapho uthokozile;

Khuleka lapho ugcwele ukwesaba.

Khuleka lapho unabazalwane;

Khuleka lapho uwedwa.

Khulekela ukudumisa uNkulunkulu;

Khulekela labo abangamdumisi.

Khuleka ngezikhathi zezibusiso;

Khuleka ngezikhathi zezinkinga.

Khuleka lapho kufika ukuthi khuleka;

Khuleka lapho ukuhlelile.

Khulekela abacebile abanomthelela omuhle;

Khulekela abahluphekayo abangaphansi kwencindezi.

Khuleka uma uzwa kuthi khuleka;

Khuleka lapho ungazizwa engathi ungakhuleka.

nikhuleke ningaphezi

1 kwabaseThesalonika 5:17