God is wonderful in counsel
Siyazi ukuthi uNkulunkulu “unguMeluleki Omangalisayo” (Izaya 9:6), kodwa sivame ukuthi sikuthathe lokho ukuthi kube yiqiniso likamoya elisinika indunduzo kunokuthi sikuthathe njengobizo lokuthi silalele silandele ukuyalela Kwakhe. Mhlawumbe incazelo enhle yokuhlakanipha nokuleleka kukaNkulunkulu yile:
Nalokho kuvela kuSimakade Wamabandla
omangalisayo ekwalulekeni,
nohlakaniphe ngokwedlulele.
U-Izaya28:29
Ngohlobo lukaNkulunkulu onje, asitholi kuphela ukududuzeka okukhulu, kodwa siphakamisa isandla sethu ukumbuza Yena yonke imibuzo esinayo. Ngohlobo lukaNkulunkulu onje sima sishaye ulayini ukuletha zonke izinkinga, izinqumo, namaphupho ethu Kuye ukuba asinike uvo Lwakhe. Ngohlobo lukaNkulunkulu onje sibheka incwadi ebhalwe Nguye emtampowolwazi bese sifunda nanoma yini ayibhalile Yena. NgoNkulunkulu ochazwa njeng- “omangalisayo ekululekeni nohlakaniphile ngokwedlulele” sifunda konke esingakufunda Kuye.
Ekuhlakanipheni Kwakhe uzasile Yena kithina. Ushicilele Incwadi ukuze sizofunda, siphinde sifunde, siphinde sifunde futhi. Wenze igroup kasocial enabanye abantu abakholwa Kuye ukuze ngokubandawonye sizolulekana omunye nomunye ezindleleni Zakhe.