Ngubani obalekela kuye uma usenkingeni?

Who Do You Run to When In Trouble?

Ngesikhathi u-Adamu no-Eva beqala ukuhlangana nenkinga eNsimini yase-Edene, bacabanga nje ukuthi zonke izinto baziphethe ngendlela okuyiyo, baqhubeka benza lokho ababecabanga ukuthi kulungile (Genesisi3:6), okwalandela lapho kwafaka isizukulwane sabantu sonke esonweni.Kwathi lapho sebeqaphela ukuthi sebesenkingeni enkulu kangakanani, baphinde bazethemba bona uqobo, bazihlukanisa noNkulunkulu (Genesisi 3:8).Ukube uNkulunkulu akazange abalandelele (Genesisi 3:9), babengeke neze bezwe ngesithembiso somkhululili ozochoboza ikhanda lenyoka (Genesisi 3:15)!

Lapho uDavide ona kuNkulunkulu, waqala ngokuthula ngalokho konke, kodwa unembeza wamenza wazizwa ebuhlungu kakhulu (AmaHubo 32:3-4). Kwaba kuphela lapho evuma izono zakhe ngokuzivuma kuNkulunkulu ngomkhuleko (AmaHubo 32:5) lapho ezwa khona uNkulunkulu njengendawo yakhe yokuphepha (AmaHubo 32:7).UDavide wayazi ukuthi isono sisenza sibe nenkani kangakanani (AmaHubo 32:9), ngakho-ke uyasifundisa (AmaHubo 32:8) ukuthi sigijimele kuSIMAKADE ngesikhathi sobunzima, ngaphambi kokuba enye injabulo iphinde ikwazi ukugcwalise izinhliziyo zethu (AmaHubo 32:10-11).

Ngokuqwabelanisa izono zesikhathi sempilo yonke, elinye isela esiphambanweni laqhubeka ngokuzigabisa nangokuhlekisa lapho libona ukuthi ukuziphatha kwalo kulifake enkingeni enkulu kangakanani (Lukha 23:39).Kodwa leli elinye isela,ngokuzibona emzuzwini wokugcina ukuthi lisenkingeni enkulu kangakanani, laphendukela kuJesu, livuma icala laso, futhi licela umusa libhekise amehlo alo kwingunaphakade (Lukha 23:40-42). Lathenjiswa inhlanganyelo noNkulunkulu ngalo lolosuku (Lukha 23:43).

Ziningi ezinye izindaba ezingalandiswa emiBhalweni zokunquma ukuncika kuwena ngezikhathi zobunzima, noma zokubalekela kude noNkulunkulu ngenxa yezinkinga, noma zokugijimela kuNkulunkulu ngesikhathi sobunzima. IZaga 3:7 liyayikhuza indaba yokuzethemba nokungamesabi uNkulunkulu njengokwenziwa kube yindlela yokuphephela, bese zisikhomba ngokucacile ukuthi masibuyele ngokushesha ekukholweni kwethu kuNkulunkulu.

Lapho-ke kukhona ikusasa elikhanyayo lokubuyiselwa esimweni esilungile nokukhonza (IZaga 3:8-9).

Ungazishayi ohlakaniphileyo emehlweni akho;

mesabe uSimakade, uqhele ebubini.

IZaga3:7

Scroll to Top