Finding Good in the Right Places
Kukuphi lapho kutholakala khona izinto ezinhle zempilo yakho? Uma kuwukuthi kuncane kakhulu okuhle obhekana nakho, kukuphi lapho ungaya khona ukuyothola okuhle kulempilo?
INkosi uDavide wathola impendulo, eqinisweni, izimpendulo ezimbili kulowombuzo.
Ngithi kuSimakade:“Wena uyiNkosi yami;
akukho buhle kimi ngaphandle kwakho.”
Abangcwele abasemhlabeni,
abahloniphekileyo,ikubo intokozo yami yonke.
IHubo16:2-3
Ngakube lokhu kuyiqiniso yini nakuwena? Ngakube uNkulunkulu uyiyona indawo yokugculiseka kwakho kulokhu kuphila kwasemhlabeni? Ngakube okuhle onakho empilweni yakho ukubona njengalokho okuphathelene nobudlelwano bakho neNkosi uNkulunkulu? Noma namanje usaphokophelele izinto ezisezingeni eliphansi?
Okwesibili-ke, ngakube abanye abazalwane bangabantu okuthokozelayo kakhulu ukuba phakathi kwabo? Sonke siyabudinga ubungani obujulile ngisho kunobungani obuhle basemhlabeni. Sidinga abangani abanokukholelwa ngesiqiniseko okufuze okwethu maqondana nempilo, isono izilingo, kanye nenduduzo. Sidinga abangani abanokukholelwa ngesiqiniseko kwempilo okuyisesekelo okufuze okwethu, okuyilokhu udumo lukaNkulunkulu yiwona umgomo wethu, uJesu uyiNkosi yethu, uMoya oNgcwele uzosisiza, nokuthi imiBhalo iyona kuphela ewumhlahlandlela onegunya elengamele lempilo.
Kwisikhathi lapho sithola khona ubuhle obuningi empilweni ngaphandle ngisho kokuthi sibe nomcabango omncane ngoNkulunkulu namanye amakholwa, siveza isithombe sobuhle obusezingeni eliphansi kakhulu. Kodwa kwisikhathi lapho sichaza ubuhle ngokomvelo kaNkulunkulu kanye nentando Yakhe, kanye nangolokho okufanayo esinakho namanye amakholwa, lapho-ke kokubili okuhle kakhulu nokubi kakhulu lomhlaba ongasizela nakho kuzoholela empilweni yokudumisa okugcwele intokozo.
