Isibusiso sokubambisana

Blessing of harmony

Ubunye yinto engavamile ukuba khona. Ubugovu busavamile kakhulu, ngisho naphakathi kwamakholwa. UJakobe wabhalela Amakhrestu echaza ukuthi umsuka wazo zonke izingxabano, ukwehlukana, nokuxabana yizifiso zobugovu (ekaJakobe 4:1–3). Ngokuphambene ngokuphelele nezifiso zobugovu, uthando luchazwa ngokuthi “aluzifuneli okwalo” noma “aluphikeleli ekwenzeni intando yalo” (1 kwabaseKhorinte 13:5).

IHubo 133 lichaza izibusiso zokubamunye. Liqala ngo “Bheka”- Ukubabaza okudonsa amehlo akho. Bese-ke kunikezelwa lokho okuthe uma kubukwa kwatholakala kwakha umqondo

Bheka, kuhle, kumnandi kangaka ukuba abazalwane bahlalisane ndawonye bemunye.

IHubo133:1

Lokhu impela ukubabaza kwawowonke umuntu ongumzali obuka izingane zakhe zidlala ndawonye kamnandi okwesikhashana, noma umqashi othola umvuzo kumkhiqizo wabasebenzi abagculisekile nezinhlangano ezigculisekile, noma kwanoma yimuphi umuntu osekhulile onamele ubudlelwano obunokuthula nabafowabo, osisi bakhe, abazali kanye nabekhweni noma emzini.

Lokho okugxilwe kukho kwiHubo 133 wubunye phakathi kwabantu bakaNkulunkulu- labo ababi bebumbene eQinisweni, asebeziwele uthando oluzinika lona oluvela kuNkulunkulu nokuhlanganyela ndawonye ukuzokhonza (Leli “Ihubo lomenyuko likaDavide” phela!)

Izibusiso zokubambisana sisabalala phezu kokuphila konke- okomoya nokwenyama.

Ubumnandi bobunye buyinto engokomoya.

Kufana namafutha amahle ekhanda, ehlela esilevini, isilevu sika-Aroni ehlela nasemphethweni wezembatho zakhe.

IHubo133:2

Ukugcizelelwa kwentshebe kaAroni kuyisikhumbuzo sakhe sokugcotshwa njengoMphristi oMkhulu kaIsrayeli- isiqiniseko sokuthi lapho kukhona ubunye phakathi kwabantu bakaNkulunkulu, lapho uNkulunkulu ezoxhumana khona nabo, abahlanze ezonweni nasemacaleni, abaholele endleleni okumele bahambe kuyo.

Kodwa ubuhle bobunye bungokwenyama futhi.

Kufana namazolo eHermoni ehlela ezintabeni iZiyoni. Ngokuba uSimakade wayaleza khona isibusiso, ukuphila kuze kube phakade.

IHubo 133:3

INtaba iHermoni yayiwumthombo wamanzi owawondla uchungechunge lwezintaba olomile lapho kwakhiwe khona inhloko-dolobha, umuzi kaDavide, iJerusalema. Kodwa ubunye babantu bakaNkulunkulu babuyoba nomphumela kubo ofana nowamanzi ahlanzekile anika ukuphila idolobha lonke elakhiwe entabeni eyomile.

Uthando olungenabugovu, oluhloselwe ukugcina ukuvumelana okukhulu nobunye phakathi kwamakholwa, luletha izibusiso ezinkulu ezingokomoya, ngisho nezingokwenyama, kubantu bakaNkulunkulu.

Khumbula ukuthi amaHubo okuKhuphuka (Songs of Ascent) ayeyizizindlo nezingoma zokulungiselela ukukhonza ndawonye. Njengoba abakhonzi babekhuphuka imiqansi beya eJerusalema, babekhunjuzwa ukuthi ukukhonza kufanele kube mayelana nani. Kulokhu, ngokwendlela yokukusebenzisa empilweni, kuyisikhumbuzo sokuthi lapho ushayela uya esontweni, uzimisele ukuba ngowakha ubunye phakathi kwabangcwele, hhayi odala ukungezwani noma izingxabano.

Scroll to Top