Ukuphefumulela kuchaza ukuthi iBhayibheli ‘liphefumulelwe nguNkulunkulu’. (okumele sikuqaphele, ukuthi ukuphefumulela ngokukaNkulunkulu igama negama leBhayibheli kuyiqiniso kuphela maqondana nemibhalo yokuqala eyabhalwa ngesandla akusilo iqiniso ngamahusho lawa asuselwa khona.)
Okubalulekile ngokuthi imiBhalo iphefumulelwe, ukuthi uMoya Ongcwele waqhuba amadoda (2Phethro 1:21) ukuqopha isambulo sikaNkulunkulu Ayesinikezela abantu. Ngakho abantu baqopha, kungesibo obabo, kodwa ubuhlakani bukaNkulunkulu ngendlela uNkulunkulu akunikezela ngayo kubona ngaye uMoya Ongcwele (1 KwabaseKhorinte 2:10). Yize noma iBhayibheli liphefumulelwe nguNkulunkulu igama negama (ngokukaMathewu 5:18), abantu basebenzisa indlela yabantu yokubhala ehlukile kweyomunye nomunye, kwanye nohlelo lwamagama olimi akhethwe ilowo obhalayo kuleyo naleyo ncwadi. Lokhu akuzami ukululaza ukuphefumulelwa, ukungabi naphutha nokuphelela kwawo uMbhalo (1 kwabaseThesalonika 2:13)
Ngenxa yokuthi iphefumulelwe nguNkulunkulu (2 Thimothewu 3:16), ImiBhalo eyambuliwe iphelele futhi yanele maqondana nokuphila ngokulunga (2 Thimothi 3:16; 2 Phethro 1:3).
Ngenxa yokuthi uNkulunkulu akanakuwaqamba amanga konke okulotshwe kwiBhayibheli akunalo nelincane iphutha (Numeri 23:19; kumaHebheru 6:18) lokhu okuchaza ukuthi awekho amaphutha kunanoma yikuphi imiBhalo ekhuluma ngakho.