Kunamanoni athize eBhayibhelini esingavamile ukuwacabangisisa. Lokhu kungenxa yokuthi asiwafundi ngokugxilile ngoba angamatemu ajwayelekile ngalokhoke silahlekelwe izinto ekumile zisimangaze.

Awucabange ngamanye amagama asinikezela izithombe emiqondweni yethu asetshenzisiwe kwiBhayibheli achaza iBandla.

uPawuli uhlukile yena yedwa ekubizeni ibandla ngokuthi ’uMzimba kaKrestu’. UKrestu uyinhloko yebandla futhi Ilunga ngalinye ebandleni liyilunga lomzimba kaKrestu. uPawuli uchaza ngalesingathekiso kwincwadi 1 abaseKhorinte 12 ukucacisa ukwabiwa kweziphiwo ezihlukene ebandleni elihlangene. Kanjalo nakwabase-Efesu 4 basinikezela lesisithombe ukuchaza ukuthi sikhula kanjani sonke uma Ilunga nelunga lidlala indima yalo, njengawo umzimba.

Njengo-Israyeli kwiTestamente Elidala, nebandla kwiTestamente Elisha kubizwa ngetemu elithi’Abantu bakaNkulunkulu’. Ngakho ke ibandla liyiqoqo labantu abakubudlelwano bohlobo oluhlukile bona bodwa noNkulunkulu okuNguye oBakhethile, okuyimanje uyabahlambulula, ngelinye ilanga uyakubakhazimulisa abaphakamisele phezulu. Ngakho ke ibandla akusikho nje ukuhlanganyela nabangcwele, kahle kahle liyibo qobolwabo abangcwele noma abantu abahlanganyele.

Amakholwa kwiTestamente Elisha nawo abaliwe kwisingathekiso esithi ‘itempeli’ likaNkulunkulu noma likaMoya Ongcwele. Labo abahlanganisa iBandla bayindawo yokuhlala kaNkulunkulu nendawo yokukhonza yabakholwayo neyokukhulekelwa kuNkulunkulu yabangakholwa.

Ngokwendlela ephathelene noqobo lomuntu njengo Israyeli kwiTestemente Elidala, iBandla libizwa ‘ngobupristi’. Ibandla linokuxhumana okuvulelekile, okungenamkhawulo noNkulunkulu futhi lithokozela ubukhona bukaNkulunkulu ngendlela yomuntu ngayedwana kanjalo nangokuhlanganyela nabanye.

Impela amagama anikezela isithombe akhuluma amazwi ayizinkulungwane! Asingabi nehaba ngokudlulele ngokujwayela lomqondo onika izithombe, kodwa kunalokho fakazela ubuhle obufundiswa yilamaqiniso.