Inkinga yokwazi ubunjalo
Ukubhala ngokohlu Izizwe Eziyishuminambili zakwaIsirayeli kungaba umsebenzi othanda ukuba nokudida. Kukhona uhlu oluwukhiye olwahlukahlukene lwezizwe zakwa Isirayeli olusabalele kuwona wonke uMbhalo, ngalunye luhlukile. Okokuqala luyadida, kodwa masinyane uyabona ukuthi ngalunye lusifundisa kanjani ngokujulile ngokuthi uNkulunkulu ubaphatha kanjani abantu Bakhe abakhethile kwiTestamente Elidala lonke kuze kufike Ezikhathini Zokugcina.
kuGenesisi 29-30, 35 no 41, kunikezelwa izigameko zokuzalwa kwamadodana kaJakobe. Bese kuGenesisi 49, uJakobe ubusisa amadodana akhe bese enikezela uhlu lwamagama abo bonke. Kuyimanje, kubalulekile ukuthi uqaphele isibusiso esinikezelwe kumadodana kaJosefa (oyindodana yeshumi nanye) amabili kwizahluko ezidlulile.
Ngesikhathi isizwe sakwaIsirayeli singena Ezweni Lesethembiso, uLevi noJosefa ababaliwe. Lokhu kungenxa yokuthi kuLevi kwakuzovela abaholi bendlela okwakuzokhonzwa ngayo (Dutherenomi 10:8-9), nangenxa yokuthi uJosefa wayezokwabelwa ngokuphindwe kabili lokho okusegameni lamadodana akhe amabili uManase noEfrayimi.
Olunye uhlu olwaziwayo luku 1 Izikronike 2:1-2 lapho kufundeka kanje “Nanka amadodana kaIsirayeli…”. Kunamagama ayishuminambili, ahambelana namadodana ayishuminambili kaJakobe. Kodwa ke, kukulandelana kwezikhathi zokwenzaka kwezinto kwincwadi yoku 1 Izikronike kusukela kwisahluko 2 kuya ku kwisahluko 8, kubhalwe kuphela amagama ayishuminanye, bese kuba khona nokunye okwenzakalayo okuhlukile. uJudah ongowesine, nguye obhalwe kuqala, kusikhumbuza ukuthi uJudah kwakuyisizwe samakhosi. uJosefa futhi akabhaliwe, esikhundleni sakhe kubhalwe amadodana akhe amabili uManase noEfrayimi. uDani akaphathwa nokuphathwa, mhlawumbe kungenxa yeminyaka yangaphambili yokushintsha kwakhe indawo okwaba kubi kanye neyokukhonza izithombe (Abahluleli 18). UZebuloni naye ukhishiwe, yize singatshelwa ukuthi kungani.
Kuphinde futhi, kwiSambulo 7:4-8 izizwe eziyishuminambili zakwa Isirayeli zibhaliwe, zasezihlukaniswa ngamaqoqo. U12000 omele isizwe ngasinye nokuhlanganisa u144,000 wezinceku zikaNkulunkulu wethu ezinophawu emabunzini. Kubalulwe amagama ayishuminambili. UDani ushiwe ngaphandle futhi, uJosefa qobolwakhe libaliwe igama lakhe kanye nelendodana yakhe eyodwa kwamabili, uManase
Ngakho ke, obani izizwe eziyishumi nambili zakwaIsirayeli? Impendulo ingama ngalendlela: Zingamadodana ayishuminambili kaJakobe, kubalwa noJosefa okuvame ukuthi esikhundleni sakhe kubhalwe amadodana akhe amabili ngenxa yesabelo sakhe esiphindwe kabili ngoba kuyisibusiso sendodana ethandiweyo. uJudah wakhuphuka waba isizwe esaziwayo kakhulu; uLevi wahlukaniselwa ukuba isizwe lapho kuqhamuka khona abapristi. UDani ngokuhamba kwesikhathi uyashabalala, uZebuloni (indodana kaJakobe) kanye noEfrayimi (indodana kaJosefa) nabo ababalwa kwesinye isikhathi.
Lokho okuyisifundo
Okubalulekile kithina ukuthi sibone ukuthi kukona konke lokhu lento ayisiyo into eyindida eMbhalweni. Kunalokho, lomehluko olokhu ubakhona wonke ufakaza ngoNkulunkulu ongaguquguquki kanye nendlela Aphatha ngayo abantu. Lokho okuyisifundo kithina sonke kukona konke lokhu akumele singakuboni.
Isifundo sokuqala ukuthi isono sibi. KumaHebheru 3:12 sixwayiswa ngezindlela zesizwe uDani owayethole zonke izibusiso ezinhle zikaNkulunkulu, kodwa kunalokho wakhonza izithombe.
Isifundo sesibili ukuthi uNkulunkulu unomusa. 1 kwabaseKhorinte 1:26-29 ukhumbuza thina ukuthi nathi, njengoJudah, uLevi kanye noJosefa, sikhethwe nguNkulunkulu yize singebona abokuqala noma singenalo igama elitheni.
Isifundo sesithathu ukuthi uNkulunkulu akafani nabantu, akaguquki nhlobo. AmaHebheru 6:17-28 aqinisa ukuthi uNkulunkulu uyazigcina njalo izithembiso Zakhe. UNkulunkulu wenza izithembiso noIsirayeli, kwabakhona ushintsho kuwona wonke umlando, kwabakhona izono nokuvukela uNkulunkulu, kwabakhona ukuthunjwa nokulahlwa, kodwa uNkulunkulu uzozigcina izithembiso Zakhe kuIsirayeli bese ehlenga kwisizwe ngasinye abantu abanga Bakhe Ekugcineni.
Izizwe Eziyishuminambili zakwaIsirayeli zidlala indima ebalulekile kwicebo likaNkulunkulu ngabantu, njengoba kwasekuvele kuthenjisiwe kuAbrahama. Ziphinde zime ngengobufakazi kithina njengaMakrestu ukuthi isono sibi, uNkulunkulu unomusa, futhi uNkulunkulu akaguquki njengabantu.