Ukukhuluma ngoNkulunkulu- yinto sonke esikwaziyo ukuyenza. Siyakwazi ukutshela abantu ngoNkulunkulu nokuthi yini Aseyenzile kanye nayenzayo ezimpilweni zethu.
Amakholwa ngokobunjalo bawo ayakuthokozela ukukhuluma ngoNkulunkulu. Ukukhonza kwethu kwenhliziyo kuhlezi kunemsindo okuyenzayo ngaphakathi yokufuna ukuphuma, kukapakele kwindlela yethu yokubuka izinto namazwi esiwakhulumayo.
Ngiyathanda ukwenza intando yakho, Nkulunkulu wami, nomthetho wakho usenhliziyweni yami.” Ngishumayelile ukulunga ebandleni elikhulu, angizivalanga izindebe zami, Simakade, Wena uyakwazi lokho. Ukulunga kwakho angikuthukusanga enhliziyweni yami, ngikumemezele ukwethemba kwakho nensindiso yakho. Angizange ngilifihlele ibandla elikhulu umusa wakho neqiniso lakho.
Amahubo 40:8-10
Mzalwane, yiba nomkhuba wokukhuluma ngoNkulunkulu nemisebenzi Yakhe empilweni yakho. Angisho indlela ebonisa engsthi uyakholwa ngokufaka igama lika “Jesu” kumosho nomusho owukhulumayo, kodwa kunalokho ngisho ukufaka empilweni yakho yansuku zonke amaqiniso afundiswa ngokusobala kuwo uMbhalo
Awubheke lesibonelo sentombazanyana ekholwayo igama layo elingaziwa eyasuswa emndenini wayo yayokwenziwa isigqilakazi senkosikazi yomholi webutho lezempi.
Ama-Aramu ayephume ngamaviyo ukuyophanga, abuya kwa-Israyeli nentombazana encane eyayiyincekukazi yomkaNahamani.Yathi enkosikazini yayo: “Sengathi inkosi yami ingaya phambi komphrofethi oseSamariya, khona eyakuyiphilisa ochokweni lwayo.”
2 Amakhosi 5:2-3
Lentombazanyana yayinendaba nabantu abangafanelwe uzwelo yasebenzisa izinkinga zabo ukuba yalela kwisikhulumi sikaNkulunkulu seqiniso. Impela iyiqhawekazi likamoya okwakumele kusukela ngalesosikhathi amakholwa alilingise.
Khuluma ngoNkulunkulu kwabanye. Ntshela abanye ngoNkulunkulu weqiniso nophilayo; bathume kwiBhayibheli; bakhombise uKhristu.