Incwadi kaLevithikhusi yaziwa kakhulu ngokuba incwadi abaningi abangazi ifundisani uma kuqhathaniswa nezinye izincwadi zeBhayibheli. Incwadi ende futhi enika imininingwane yaloluhlobo, kuyihlazo ukuthi ishaywe indiva ngaMakrestu amaniningi kangaka.

Yize noma amakholwa angaphansi kweSivumelwano Esisha ngokucacile kungadingekile ukuba alandele imithetho yokukhonza yangaphansi koMthetho kaMose (ngokukaJohane 4:21, 23-24), kodwa kunezinto ezimbili eziyisifundo sokukhonza sezikhathi zonke esisithola kwincwadi kaLevithikhusi esiqondene namakholwa ezikhathi zonke.

Eyokuqala, udinga umpristi ukuba enze umhlatshelo wezono zakho. Lokhu yikona okukhulunywa ngakho kuLevithikhusi 1 kuya ku17, futhi kuyaphindwa kuyalelwe kumakholwa angaphansi kweSivumelwano Esisha kwincwadi yamaHebheru 9:22 lapho sifunda ngoKhristu engumpristi wethu ezinikela uQobolwakhe njengomhlatshelo wethu (Hebheru 7:23- 8:1).

Eyesibili, udinga ukuphila impilo engcwele. Lokhu okufundiswa ingxenye yesibili yencwadi yaLevithikhusi (Isahluko 18-27). Leli yiqiniso elijwayelekile kuMakrestu anamhlanje, kodwa izimpande zalo zikwincwadi kaLevithikhusi. Incwadi ka 1 Phethro 1:14-16 ilona vesi lokugijimela kulo eliqondene nempilo engcwele kwiTestamente Elisha, futhi lamavesi athathiselwe ngqo kuLevithikhusi 19:2.

Ukuthi mina nawe asisami kulayini omunde eThempelini ukuyokwenza iminikelo sisizwa umpristi, akuchazi ukuthi mina nawe asiwudingi umhlatshelo nompristi ukuze sikhonze uNkulunkulu ngokufanelekile. UKhristu ungumhlatshelo nompristi wethu. Futhi kungenzeka ukuthi umsebenzi Wakhe omkhulu awenzela thina siwubuka ngokuwukha phezulu, incwadi kaLevithikhusi ikhonela ukusikhumbuza ukuthi mukhulu kangakanani umsebenzi ofezekiswe ngempumelelo ngumpristi wethu enzela thina.

Ngakho, uma sesishayela isipikili sokugcina sisebenzisa umqondo kaLevithikhusi, nansi incwadi kaLevithikhusi uma siyifingqa ngamavesi amabili:

Ngakho-ke ngiyanincenga bazalwane, ngobubele bukaNkulunkulu ukuba ninikele imizimba yenu ibe ngumnikelo ophilileyo, ongcwele, othandekayo kuNkulunkulu; kube ngukukhonza kwenu ngokomoya. Ningalingisi leli lizwe, kodwa niguqulwe isimo ngokwenziwa ibe yintsha ingqondo yenu ukuze nikwazi ukuhlolisisa okuyintando kaNkulunkulu, okuhle, okuthandekayo, nokupheleleyo

kwabaseRoma 12:1-2