Ngakho-ke aniseyibo abafokazi nezihambi, kodwa seniyizakhamuzi kanye nabangcwele, ningabendlu kaNkulunkulu, nakhiwe phezu kwesisekelo sabaphostoli nabaphrofethi, uKhristu uJesu uqobo eyitshe legumbi, okuhlanganiselwe kuye isakhiwo sonke, sikhule sibe yithempeli elingcwele eNkosini, okukuyo nani, nakhiwe ukuba nibe yindlu kaNkulunkulu ngoMoya.
KwabaseEfesu 2:19-22
Asisoze sakwazi ukuhlukanisa ukuba uMKrestu nokuba ingxenye yeBandla. Ukuba isakhamuzi kuwukuba yingxenye yesizwe. Ukuba yilungu lomndeni ukuba yingxenye yomuzi. Ukuba uMkrestu ukuba yingxenye yeBandla.
Ukuba uMkrestu ukuba yingxenye yeBandla.
Amazwi ashiwo uDietrich Bonhoeffer eminyakeni engamakhulu adlule asayiqiniso nanamhlanje:
igama elithi ibandla kumaProtestants lizakwala njengegama lento ejwayelekile engenasiphetho, cishe njengento abanganendaba nayo nengenasidingo, lokho akubenzi bashwawe uvalo; yinto ehlezi uma kucatshangwa ngayo ihlanganiswa nesicobecobe
Ithathelwa ku-John MacArthur, The Master’s Plan for the Church, p. 325, yabe isihumushwa ngendlela ezonika umqondo ngesizulu
Uma sifuna ukuba aMakrestu awuhlobo lukaKhristu eBandleni eliwuhlobo lukaKhristu, kuzomele sizimisele kakhulu ngoBunjalo bethu kuKhristu njenge-zakhamuzi namalungu omndeni (Efesu 2:19), bese sizinikela ngoqobolwethu kwiNdabuko yethu- isisekelo sabaphostoli nabaprofethi (Efesu 2:20)
Ukuthatha kancane ibandla likaKhristu, noma isisekelo sikaKhristu sebandla akuhlukile nokuphikisa isinqumo sikaNkulunkulu sokuthi ibandla Uzolakha kanjani.
Awuboni yini kwiZenzo 2 kuya kwiSambulo 3 ukuthi ibandla Ilona eliyingqikithi yayo yonke into? Ngisho nezincwadi ezibhalelwe abantu abathile izincwadi ezincoma noma zikhiphe umyalelo maqondana nokukhonnza kwabo emabandleni. Kusukela kwisikhatthi uJesu enyuselwa ezulwini, kuya kwisikhathi lapho uJesu ebuya khona ukuzosibizela kuYena, yonke into ingeBandla.
KwiTestamente Elisha awutholi uMkrestu ophila ngokuhlukana nebandla. Ukuba uMkrestu ongeyona ingxenye yebandla kuyinto eyindinda njengesakhamuzi esingesiyo ingxenye yesizwe noma ilungu lomndeni elingenasibongo. Ayikho into enjalo.
Ngamagama kaCharles Spurgeon:
“Bonke abazinikelile eNkosini, kumele, ngokushesha, baphinde bazinikele kubantu bakaNkulunkulu. Iyiphi enye indlela elingaba khona ngayo iBandla emhlabeni? Uma kulungile ukuba oyedwa angabi yilunga leBandla, kusho ukuthi kulungele wonke umuntu, okusho ukuthi ubufakazi bukaNkulunkulu buzo lahleka emhlabeni! iBandla ….liyikhaya lomndeni kaKhristu”
“The Best Donation,” (No. 2234) an exposition of 2 Corinthians 8:5 delivered on April 5, 1891 at the Metropolitan Tabernacle in London, England. http://tollelege.wordpress.com/2007/07/30/the-dearest-place-on-earth-by-charles-spurgeon/ [accessed 2013-10-24]
USpurgeon wayelithopha ibandla ngokuthi “indawo ethandeka kakhulu ukwedlula ezinye emhlabeni”.
Akusilona iphutha ukuba khona kweBandla. Zimisele ngokuba yingxenye yalo.