Ayikho intokozo edlula ukwazi uJesu
Mina nawe njengaMakrestu mhlawumbe sikhululekile ngolwazi esinalo ngoJesu ngoba liyingxenye yezimpande zesivumo sethu njengaMakrestu.
Kubona bonke abantu abangosaziwayo osake wahlangana nabo kulomhlaba, noma mhlawumbe ogcina ngokufisa ukuhlangana nabo, akekho noyedwa obaluleke njengoJesu.
NjengaMakrestu siyamazi uJesu. Ukukholwa kwethu kwethiwe ngegama likaJesu elisho umsebenzi wakhe elithi Khristu, okuyigama lesiGreki elilingana nalelo lomsebenzi wakhe elikwi Testamende Elidala.
Ukubizwa ngoM-Khristu kubaluleke ngendlela edlulele. kwiTestemente ELidala, igama lika “Jesu”lalingakamataniswa noJesu; wayaziwa njengo “Mesiya”, lase lahumushwa njengo “Khristu” kwiTestamente Elisha. Kodwa ngokwencwadi yeZenzo (11:26, 26:28 no 1Phethro 4:16), kwathatha isikhathi esincane ukuba abalandeli bakaJesu Khristu banikezelwe igama elithi “Amakrestu”- igama esilamukela ngokukhulu ukuzimisela.
Amakrestu yilabo abazi uJesu. Ukuthi nje wazi uJesu lokho kuyisibusiso esikhulu kakhulu esake sakwehlela.
Icabange kanje lento: Wake wakucabanga ukuthi kwakuyobe kuyisiqalekiso esinjani ukube uNkulunkulu wakugodlela ulwazi ngoJesu? Kwakuyobe kuyisiqalekiso esifanele ngenxa yobubi bakho, kodwa noma kunjalo, cabanga nje ukuthi yayizoba yimbi kanjani impilo ukube uNkulunkulu akazange anikezele ngisho igama elilodwa nje lesambulo Ngaye. Zonke izigameko bezisazokwenzeka, kodwa kungabibikho isambulo esivela kuNkulunkulu; lutho nje ulwazi ngoJesu.
Indaba yeNsimu yaseEdeni kwakuyoba nje yinto eyabelwa uAdamu beno-Eva. UAdam wayezotshela abantwana bakhe ukuthi ngelinye ilanga wavele wabakhona. Waphaphama esesensimini enhle, kukhona lonke uhlobo lwezilwane nezitshalo, ilanga, inyanga kanye nezinkanyezi, nezihlahla ezase zivele zi- nezithelo ezimnandi—engazi lutho ukuthi konke lokhu kuqhamuka kuphi nokuthi sekuyisikhathi esingakanani lezizinto zikhona. Kwathi ke ngelinye ilanga, uAdamu noEva umkakhe banquma ukuhamba ukuyodla isithelo. Kwase kwabakhona into embi eyenzakalayo, ngoba kuthe besadla kwizihlahla ezahlukeni, ngokushesha okukhulu bagcwala umuzwa wokuhlaziseka base babona masinyane yonke into emhlabeni wabo omuhle isiyonakele. Ubuhlungu, ubunzima, ameva, ukhakhasi masinyane kwaba yingxenye yempilo yabo yonke, futhi kuze kube sosukwini lwabo lokufa abazange bazi nhlobo ukuthi lokhu kuqhamuka kuphi kanjani, nokuthi izinto zingabuyiselwa kanjani esimweni ezabe ziyisona.
Cabanga zonke ezinye izigameko zomlandelo ebezingaxoxwa ngendlela ehlukile ukube uNkulunkulu akazange wambula indaba ephelele eMbhalweni. iSodoma neGomora lalizovele lisuke lishe. Indaba kaMose yayingeke ibe nayo Imithetho Elishumi, kangakanani isimangaliso sokuzambula kukaNkulunkulu ““USimakade! USimakade! UNkulunkulu onesihe nomusa, ophuza ukuthukuthela, novame ubumnene nokwethembeka” (Eksodusi 34:6). Abaprofethi babengeke babe nezwi elivela kuNkulunkulu; Amahubo abengeke abe nethemba laphakade. Izincwadi ezikhuluma ngempilo kaJesu uMathewu, uMakhu, uLukha noJohane bekuzoba amaphephandaba akudala akwaIsirayeli agciniwe . Izincwadi zeTestamente Elisha bezingeke zinikezele ithemba lensindiso, ulwazi ngoNkulunkulu, ibingeke ibekhona incazelo ngeBandla, bekungeke kubekhona lutho ngezithembiso zikaNkulunkulu ukuthi umhlaba uzophela kanjani.
Ngaphandle kukaNkulunkulu embula ulwazi ngoJesu, ubukrestu bebungeke ngisho bube naleligama. Umuntu ongenalo ulwazi ngoJesu umuntu obhekene nenkinga enzima.
Anginilobelanga ngokuba ningalazi iqiniso, kodwa ngenxa yokuthi niyalazi nokuthi akukho manga avela eqinisweni….Lokho enakuzwayo kwasekuqaleni, makuhlale kini. Uma kuhlala kini enakuzwayo kwasekuqaleni, nani niyakuhlala kuyo iNdodana nakuye uYise.
1 kaJohane 2:21,24 (2020)