Izinhlupheko zalelizwe zisenza sibone ukuthi impilo iyizigaba zendlela eya ekufeni kunokuba ibe umsebenzi wokuzijwayeza indlela yokuphila. Imizimba yethu ayiphili phakade, ukugula, izinhlungu nobuthakathaka buyakuqinisekisa lokhu usuku nosuku. Yize noma sinenjabulo enkulu kwizikhathi zalempilo ezigcwele ukujabula nempumelelo, thina, njengaMakrestu, siphinde sibe nombono omuhle ngalokhu okungathiwa yisikhathi sokufa.

Bheka ukuthi uMphostoli uPawuli uzichaza kanjani izinhlupheko ezinkulu zempilo yakhe yasemhlabeni.

Kepha le ngcebo sinayo ezitsheni zebumba, ukuze ubukhulu bamandla obukhulu kakhulu bube ngobukaNkulunkulu, hhayi obuvela kithi. Sicindezelwa nxazonke, kepha asifihlizeki; siyaxakeka, kodwa asidikibali. Siyahlushwa, kepha asilahlwa; siqunjwa phansi, kodwa asibhujiswa. Sithwele njalo emzimbeni wethu ukufa kukaKhristu, ukuze ukuphila kukaJesu kubonakaliswe emzimbeni wethu. Ngokuba sisaphila, sinikelwa njalo ekufeni ngenxa kaJesu, ukuze ukuphila kukaJesu kubonakaliswe emzimbeni yethu efayo.

2KwabaseKhorinte 4:7-11

Lapho impilo yakho isichazwa kahle ngokufa kunokuchazwa ngokuphila, khumbula lokhu: ukufa kwakho kukhombisa obala impilo kaKhristu. Isitsha sakho sobumba sikhombisa ingcebo yamandla kaNkulunkulu.

Lapho ucindezelwa , uyazi ukuthi ngeke ufihlizeke, ngokuba noKhristu Qobolwakhe wacindezelwa, kodwa waqhubeka wakugcwalisa ayekuzele ngesiqiniseko sokuthi “kufeziwe” (Johane 19:30)

Lapho uxakwa yizinhlupho, uyazi ukuthi ngeke udikibale, kodwa uzohlezi unobufakazi ezweni ukuba kudunyiswe uNkulunkulu (Efesu 1:6, 12,14).

Lapho uhlushwa abenzi bobubi, uyazi ukuthi ngeke ulahlwe, ngoba ngisho noKhristu, yize alahlwa nguNkulunkulu ngokwahlulelwa esiphambanweni, wabuyisana noYise lapho Ekhuleka ethi “Baba, ezandleni Zakho ngiyawubeka umoya wami” (Lukha 23:46).

Lapho uqunjwe phansi izinkinga, uyazi ukuthi ngeke ubhujiswe, kodwa uzofinyelela kwintuba yokuphunyuka ngoba noKhristu Qobolwakhe wafinyelela kukho ukuvuka ekufeni (1 Khorinte 10:31; 1 Khorinte 15:20).

Imizimba yethu efayo izokhombisa izimpawu ezifuze lezo zempilo uJesu ayiphila emhlabeni. Lokho kusho ukuthi izimpilo zethu ezifayo zizosho lukhulu ngempilo kaJesu, zifakaza kubobonke ukuthi izinhloso zikaNkulunkulu wethu ngempilo yethu ziphelele njengenhloso Yakhe ngempilo kaKhristu, nokuthi ukufa kwethu kuwubufakazi nje bokuthi noma inhlupheko idlondlobala okwamanje, izindumiso zikaJesu ziyakuqinisekiswa yibo bonke kwiphakade lonke.

Engathi sonke- njengo kusho kukadokotela kaJohn Wesley ebuka ukufa kwaMakrestu ahlukene- engathi sonke “singafa kahle”. Ngisho noma inhlupheko yenza izimpilo zethu zizwakale engathi iyona qobo indlela eya ekufeni, engathi singabhekana nayo kahle.

uKhristu uyingcebo; thina siyizitsha zokukhomiba obala.