Unalo icebo lokufa? Mhlawumbe awunalo, njengalokhu ukufa kuthathwa njengesiphetho esingagwemeke kunokuba kuthathwe njengesiphetho esigcwele inhloso. Umphostoli uPawuli, konake, wakuhlelela ukufa. Kungesikho ngokomqondo wokuzibulala, kodwa ngokuphila unomqondo wokuthi uzophila kanjani ngemuva kokufa. Icebo lakhe lokufa ulambule ngalamagama.

sazi ukuthi lowo owayivusa iNkosi uJesu uyakusivusa nathi kanye noJesu, asethule kanye nani.Ngokuba konke kwenzelwe nina, ukuze umusa ngesikhathi wenabela kubantu abaningi, kwande ukubonga kwabo, kube ludumo kuNkulunkulu.

2 KwabaseKhorinte 4:14-15 (IsiZulu 2020)

UPawuli wayephila, ukuze ezakufa, ukuze sonke sizokhonza uNkulunkulu.

UPawuli, azi ukuthi uNkulunkulu wavusa uJesu ekufeni nokuthi uzomvusa naye ekufeni, wayazi nokuthi ngolunye usuku siyakuba ndawonye sonke ebukhoneni bukaJesu. Ngakho, ngaphambi kokufa, uPawuli waphila impilo yakhe ngendlela yokuthi abantu abaningi bezozizwela umusa osindisayo kaNkulunkulu, ukuze, ukuza nabo uma befa bezo kwengezwa kwabanye asebekunye noJesu, lapho ukubonga kuyakuba kukhulu. Udumo lukaNkulunkulu kwakuyiyo injongo yempilo kaPawuli ngaphambi kokuba afe, futhi kuyiyo leyo injongo yempilo yakhe nangemuva kokufa.

Icebo likaPawuli lokufa kwakungukuthi kwande ukudumisa Ezulwini. Ukwenza lokho waphila ngokusabalalisa umusa kaNkulunkulu yonke indawo ukuze kwande inani lezikhonzi Ezulwini, bese, yena qobolwakhe wahlela ukujoyina ikhorasi uma esedlulile ekufeni, ukuthi yena qobo abe ngufakazi wokuthi kungakanani ukubonga ekumele kunikezelwe kwindumiso yobukhulu bukaNkulunkulu.

Ngakube nawe ungaphila ngecebo lokuba nohlelo oluphathelene nesikhathi sewudlulile ekufeni?