Ngokwemizamo yokulandelanisa izikhathi zezigameko, izigameko ezilandelayo zenzeka ngoLwesibili lweviki uJesu afa ngalo.

(leyo enomaka* isisiza ukuba sifunde kafushane)

UJesu uqalekisa isihlahla somkhiwane esingatheli
Mathewu 21:18-19; Makhu 11:12-14*

Ngakusasa lapho bephuma eBhethaniya, uJesu walamba. Wabona umkhiwane buqamama, unamaqabunga, wasondela kuwo ethi hleze angathola okuthile kuwo. Esefikile kuwo akatholanga lutho, kodwa amacembe wodwa nje, ngokuba kwakungesiso isikhathi samakhiwane. UJesu wathi kuwo: “Akungabe kusadla noyedwa isithelo esivela kuwe kuze kube phakade.”Abafundi bakhe bakuzwa lokho.

UJesu uhlanza iThempeli
Mathewu 21:12-13; Makhu 11:15-18*; Lukha 19:45-48

Bafika eJerusalema. UJesu wangena ethempelini, waqala ukuxosha abathengisayo nabathengayo ethempelini. Wagumbuqela amatafula alabo ababeshintshelana imali, nezihlalo zabathengisa ngamajuba. Akavumelanga muntu ukuba adabule ethempelini ethwele umthwalo. Wafundisa, wathi kubo: “Akulotshiwe yini ukuthi: ‘Indlu yami iyakubizwa ngokuthi yindlu yokukhuleka yezizwe zonke’ na? Kodwa nina seniyiphendule umhume wabaphangi.”Abaphristi abakhulu nezazimthetho bakuzwa lokho, bafuna ukuthi bangambhubhisa kanjani, ngokuba babemesaba, kwazise izindimbane zabantu zazimangaliswa ngukufundisa kwakhe. 

Intshumayelo ongayilalela: ngokukaLukha 19:45-20:8 “Believers Who Will Reject Jesus”

itholakala ngesingisi kulo ikhasi laseLHBC

UJesu ukhuluma nabafundi kanye nabezizwe ababelangazelele ukuzwa
Johane 12:20-50*

Kwakukhona amaGriki athile kulabo abakhuphukele emkhosini ukuba bayokhonza.Laba-ke baya kuFiliphu, waseBhethsayida eGalile, bamcela, bathi: “Mnumzane, sicela ukubona uJesu.”UFiliphu waya wabikela u-Andreya, base behamba bobili beyobikela uJesu. UJesu wabaphendula, wathi: “Sesifikile isikhathi sokuba iNdodana yomuntu ikhazimuliswe. Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: uma uhlamvu lukakolo luwela emhlabathini, lungafi, luhlala lodwa, kodwa uma lufa, luthela izithelo eziningi. Lowo othanda ukuphila kwakhe, ulahlekelwa yikho; nozonda ukuphila kwakhe kulo mhlaba, uyakukulondela ukuphila okuphakade. Uma umuntu efuna ukungikhonza, makangilandele; lapho ngikhona Mina, siyakuba khona lapho nesikhonzi sami. Uma umuntu engikhonza, uBaba uyakumazisa. Manje umphefumulo wami ulusizi, ngizakuthini na? Ngithi Baba, ngisindise kulo mzuzu na? Kepha kungenxa yalokhu ngifinyelele kulo mzuzu. Baba, khazimulisa igama lakho.” Kwase kufika izwi livela ezulwini, lithi: “Ngilikhazimulisile, futhi ngizobuye ngilikhazimulise.”Ngakho-ke abantu ababemile bezwa, bathi: “Beliduma;” abanye bathi: “Ingelosi ikhulume kuye.” UJesu waphendula, wathi: “Leli zwi alifikanga ngenxa yami, kodwa ngenxa yenu. Manje sekungukwehlulelwa kwalo mhlaba. Manje-ke umbusi walo mhlaba uzakuxoshwa. Mina-ke, uma sengiphakanyisiwe emhlabeni, ngiyakudonsela kimi bonke abantu.” Wakusho lokhu ekhombisa indlela azakufa ngayo. Ngakho isixuku samphendula, sathi: “Sizwile emthethweni ukuthi uKhristu uyakuphila phakade. Pho usho kanjani ukuthi iNdodana yomuntu ifanelwe ukuphakanyiswa na? Ingubani le Ndodana yomuntu na?”UJesu wayesethi kubo: “Kuseyisikhashana ukukhanya kukhona phakathi kwenu. Hambani nisenokukhanya, ukuze ningaficwa ngubumnyama. Ohamba ebumnyameni, akazi ukuthi uya kuphi. Nisenokukhanya, kholwani ngukukhanya, ukuze nibe ngabantu bokukhanya. UJesu washo lokhu wamuka kubo, wafihleka kubo. Nakuba ayezenzile izibonakaliso eziningi, bezibonela ngawabo, kodwa abakholwanga kuye, ukuze kugcwaliseke izwi lika-Isaya, umphrofethi, elithi:

“Nkosi, ngubani owakholwa

ngumbiko wethu na?

Ingalo yeNkosi yambulelwa bani na?”

Ngalokho-ke kabakwazanga ukukholwa, njengokuba u-Izaya washo futhi, wathi

“Uphuphuthekisile amehlo abo,

wayenza lukhuni inhliziyo yabo,

ukuze bangaboni ngamehlo abo,

bangaqondi ngenhliziyo yabo,

funa baphenduke, ngibaphilise.”

U-Isaya wakusho lokho ngokuba ebona inkazimulo yeNkosi, futhi wakhuluma ngayo.

Nokho-ke nakuba kunjalo, ababusi abaningi bakholwa kuye, kodwa ngenxa yabaFarisi abamvumanga esidlangalaleni, funa baxoshwe esinagogeni, ngokuba babethanda udumo lwabantu, kunodumo lukaNkulunkulu.

Kepha uJesu wamemeza, wathi: “Okholwa yimi akakholwa kimi nje, kodwa kulowo ongithumileyo. Obona Mina ubona ongithumileyo. Ngize emhlabeni njengokukhanya ukuba yilowo nalowo okholwa yimi angahlali ebumnyameni.“Uma umuntu ezwa amazwi ami, kodwa engawalondolozi, angimehluleli Mina, ngokuba angizanga ukuba ngehlulele umhlaba, kepha ukuba ngiwusindise. Lowo ongalayo, engawemukeli amazwi ami, unomehlulelayo; izwi engalikhulumayo, yilo eliyakumehlulela ngomhla wokuphela. Ngokuba angikukhulumanga ngokwami, kodwa uBaba ongithumileyo, nguye onginike umyalo wokuthi ngithini, futhi ngikhulumeni. Ngiyazi ukuthi umyalo wakhe ungukuphila okuphakade. Ngakho-ke lokhu engikukhulumayo ngikukhuluma njengalokhu uBaba engitshela khona.”

UJesu ubuyela eBhethaniya
Makhu 11:19*

Kwathi kungahlwa, baphumela ngaphandle komuzi.