Ungaboleki, kodwa uma kwenzeka, yikhokhe yonke, ngoba uyisigqila.

Lona wumusho owodwa ofingqa incwadi ephelele “ yeklasi elingokwebhayibheli elifundisa ngezikweletu”

IBhayibheli lisebenzisa amagama anikezela isithombe sobugqili– yebo, ubugqili ngokugcwele, okungenamalungelo, obusebenzisana kanzima, obunobuhlungu bonke, obungenanzuzo—ukwenzela ukuthi izwele lendaba yezikweletu zemali.

 Isicebi sibusa phezu kwabampofu,

nobolekayo uyisigqila somtshelekileyo

IZaga 22:7

Lokhu kumele kube ukugqugquzela okwanele ukuthi ungalinge uboleke imali, hhayi ngisho nakumngani! Pho wenzanjani uma usuvele usezikweletini? Impendulo isobala: yikhokhe yonke bese ube yilowo ophanayo ngeyakhe imali kunokuba yilowo osebenzisa imali yomunye.

Omubi uyoboleka angakubuyiseli,

kodwa olungileyo unesisa, uyaphana.

Amahubo 37:21

Lamavesi womabili ayisisekelo salolonke ulwazi olunzulu lokwenza uphinde ukhokhe izikweletu. Siphila emiphakathini ephakamisa ukuthenga izinto iholo lakho elingeke likhone ukuzimela. Kusukela kubabolekisi bemali abasemthethweni kuya komashonisa abangekho emthethweni, labo abanemali baheha labo abangenayo imali ukuba bangene ebugqilini ngokwezezimali—ngokujwayelekile kuba yimpilo yabo yonke.

Lamavesi womabili kumele sonke asithusele ekutheni singazenzi izikweletu. Kusukela lapho ke ngokucophelela sesingathola indlela enomqondo ophusile ngokwezezimali ehambelena nesimo sethu.

Ngokufingqiwe, ungangeni ezikweletini, kodwa uma kwenzeka, zibophezele ukuzikhokha zonke ngendlela enomqondo, khumbula, size sikhokhwe ngokuphelele sonke. Zicabange njengalowo oyisigqila kulowo okubolekile.