“Ningethembi ezikhulwini nasendodaneni yomuntu okungekho kuyo ukusiza. Umoya wakhe uyaphuma, yena abuyele emhlabathini wakhe; ngalona lolo suku amacebo akhe ayaphela.
iHubo 146:3-4
“Kholwa kuwena” isikhali sengqondo sokuzisiza sesikhathi sanamhlanje. Lapho isisho esinjalo sivela khona, nokuthi kwenzeka kanjani sigcinwe sisetshenziswa, kuyinselele ingqondo ehluzekile engenakuyiphendula. Noma kunjalo, ngokusithumela ezinkundleni zokuxhumana, abantu abaningi bathola uhlobo oluthile lwesikhuthazo oluyinqaba, ngisho nenjongo ekuphileni.
Mhlawumbe sithandwa kakhulu ngoba sisetshenziswa ngendlela yokuthi singabi nhlobo nencazelo eqondile. “Kholwa kuwena” kungasho noma yini ofuna ukuba ikusho, ngaphandle kwalokho okushiwo amagama.
Amagama qobo lwawo kulesisho “kholwa kuwena” anikezela umqondo onemibono yezenkolo. Eqinisweni, “ukukholelwa kuwena” kuwukubeka ithemba lakho empilweni yakho ( okuwukuziphikisa wena njengoba ungeyena umninimandla onke), ukusekela ukuqonda kwakho ngempilo kukuhlakanipha kwakho (okuwukuzikhohlisa njengoba ungeyena owazi konke), ukuzikhonza (okuyinto ezokwenza ulahlwe kuze kube phakade njengoba ungeyena uNkulunkulu), nokuzibheka njengento ebaluleke kunazo zonke izinto empilweni yonke (nakanjani okuholela kuhlobo lokuzithemba olusebenzisa izinto zonke ngendlela engalungile ezophumelelisa wena).
Mhlawumbe yile ncazelo yokugcina eyenza lesisho “kholwa kuwena” samukeleke kalula nakubantu abanomqondo olula. Kukhanga umuzwa wethu wokuzizwa sibalulekile. Kuphela, ichaza ukubaluleka kwakho ikuncikisa kuwe, ikwenza kuphinde, kungabi namqondo.
Ukubaluleka kwethu akukho kithi. Ukubaluleka kwethu kuncike ekudalweni ngomfanekiso kaNkulunkulu. Ukubaluleka kwethu njengamaKristu ngukubizwa ngokuthi singabantwana bakaNkulunkulu. Ngakho-ke ukukholwa kwethu, kuzona zonke izinto, akukho kithina, kodwa kukuNkulunkulu wethu.
Ngokuzayo lapho utshelwa ukuthi “ukholelwe kuwena”, phendula ngevangeli elisibizela ukuba sikholwe kuNkulunkulu, ngoba mkhulu kunathi, uhlakaniphe kunathi, ubaluleke ngaphezu kwethu, futhi unguNkulunkulu, okunguye yedwa okufanele sibeke kuye ukholo lwethu, ukwethemba, kanye nokwethembeka.