Babusisiwe abalambele, bomele ukulunga,
ngokuba bayakusuthiswa.
NgokukaMathewu 5:6
Ukuhlezi njalo ulangazelele ukwenza okulungile emhlabeni lapho ububi sebuyinto ejwayelekile kuyinto efakelana ingcindezi. Ngasosonke isikhathi uma ubona ababi bephumelela abalungile behlupheka, umuzwa onawo wokuqhubeka wenze okuhle uyaphiinda utheneke amandla. Maphakathi nokuhlezi ulangazelela ukwenza okulungile, uzithola wena usafuna ukuzinikelela kwizinkanuko eziyisono, imicabango eyisono, izenzo eziyisono, nalapho futhi ukushisekela kwakho ukuhlezi wenza okulungile kuphinde kushayeke , kulesisikhathi kushayeka kuphele amandla nya.
Kodwa namanje uJesu uthi, labo abanentshiseko enamandla yokuhlezi befisa ukwenza kahle, bazosuthiswa! Lokho kuhlukile kakhulu kunalokho okuyikho esibhekana nakho, akunjalo? Kuqhamukaphi ukusuthuswa?!
Incwadi KwabaseFiliphi 3:9 ichaza lapho ukwaneliseka noma ukusuthiswa kwimizamo ebukeka iyizeleze yokwenza ukulunga ivela khona. Ukwaneliseka okubusisekile ekulungeni kuvela ngokukholwa kuJesu Khristu. Uma sesimbathiswe ngokulunga kukaKhristu, laphoke singakwazi ukuphakamisa amakhanda ethu phezulu ngokulunga kusona sonke isikhathi sakulomhlaba omubi. Lapho ububi bubukeka buqhakaza, nezinhliziyo zethu zibonakala zihaqwa ububi, singabheka kukho ukulunga kukaKhristu okungokwethu, futhi sikwazi ukulangazelela kakhulu ukuqhubeka senze okulungile, sazi ukuthi asibhekile entweni engenakutholakala, kodwa silambele somele lokho osekuvele kungokwethu.
Shisekela, njalo, ukuqhubeka wenze lokho okulandelayo okufanele. Bhekisa amehlo akho kuJesu ongenzanga lutho olubi nanoma nini. Yazi ukuthi ukulunga Kwakhe okwakho ngokukholwa. Kubambisise ukukulangazelela ukulunga onakho, kuze kube usuku lokudla kukona ukulunga luyafika, nokulangazelela kwaneliswe.
Share this: