IBhayibheli yiwona kuphela umthombo weSambulo Saphezulu futhi yiwona kuphela umthombo onengunya okuthathelwa kuwo zonke izinto zikamoya. Amakhrestu adingekile ukuba  afunde/ ezwe iBhayibheli, alistadishe iBhayibheli, alifunde alibeke emqondweni iBhayibheli, adlinze ngeBhayibheli ngokoqobo lwalo, kwisimo salo lingakachazwa. IBhayibheli liphelele ngokwanele lona ngokungoqobo lwalo.

Kepha, lokhu akuchazi ukuthi iBhayibheli yilona kuphela ithuluzi lamakholwa. UNkulunkulu unikezele amakholwa ngezinsiza eziningi ezahlukene ezingelona-IBhayibheli ukusikhulisa ekukholweni kwethu. Yize kuyiqiniso ukuthi , zonke lezozinsiza ezingelona iBhayibheli  zimelwe ngokuphelele zifundise ngokweBhayibheli ngayoyonke indlela, kodwa lokho akuyenzi ize imiyalelo nezifanekiso eziseMbhalweni ezithathelwe kwizinsiza ezingaphefumulelwanga nguNkulunkulu ezikhonela ukukhula kwaMakhrestu.

Thatha njengesibonelo ukushumayela. Ngaphezu kwama-percent awu90 yokuqukethwe yintshumayelo kungamazwi alowo oshumayelayo. Uma intshumayelo ithathelwe kwivesi elilodwa bese kuba khona ukuthathela nakwamanye amavesi, amapercent okuqukethwe angesilona iBhayibheli angaphinde akhule futhi. Nomakunjalo, ukushumayela yindlela kaNkulunkulu yokusindisa izoni nokungcwelisa abazalwane ( 2 kuThimothewu 4:2), UMkhrestu oneBhayibheli lakhe wanele ukuba akhule ngokomoya, kodwa uNkulunkulu uphinde wenza icebo ukuthi uMkhrestu akhonzwe ngumfundisi wakhe ngokushumayela iBhayibheli. Ukushumayela ngokweBhayibheli ukushumayela okungafundi kuphela amazwi akwiBhayibheli, kodwa futhi kuyachaza lokho okuyincazelo ukuze kubekhona ukukhula ngokomoya.

Kanjalo futhi nokucula. Yize noma Amakhrestu ayingcosana ekholwa ukuthi “amahubo, izihlabelelo, namaculo akomoya” ekukhulunya ngawo kwincwadi kwabaseKholose 3:16 nakwabase-Efesu 5:19 kukhulunywa ngamavesi eBhayibheli qobo futhi kuphela, kungaba nzinyana ukuba umuntu akufakazise lokho ngalo-iBhayibheli. Kodwa nomakunjalo, njengokusho kwabaseKholose 3:16, lamaculo kumele avele  ekugcwalisweni okungaphakathi “kwamazwi kaKhristu”. Ukucula yindlela engeyona iBhayibheli yokuyalana komunye nomunye ngalo iBhayibheli.

Beseke, ngisho nakwizikhathi zeTestamente Elisha, izincwadi ezingelona iBhayibheli, kodwa ezifundisa ngokweBhayibheli, zaziyizinsiza ezihloswe nguNkulunkulu maqondana nokukhula kwaMakrestu ekuqondeni kwawo uNkulunkulu nalokho uNkulunkulu akudingayo kuwona. UPawuli ubala izincwadi ezimbili  ezingelona iBhayibheli ezalotshelwa abazalwane baseKhorinte ayedingile ukuba abazalwane bazikhumbule ( 1 kwabaseKhorinte 5:9 no- 2 kwabaseKhorinte 7:8). Incwadi evela emlonyeni kaNkulunkulu  elotshelwe abaseKholose ibala izincwadi ezingaveli emlonyeni kaNkulunkulu ezilotshelwe abaseLawodikheya uPawuli ayefuna abaseKholose ukuba bazifunde ( kwabaseKholose 4:16). UPawuli wacela izincwadi ezicelela yena, lokho kwakungaba yingxenye yezincwadi zeBhayibheli zeTestamente Elidala , kodwa mhlawumbe kwakukhona neminye imibhalo futhi ( 2 kuThimothewu 4:13).

Singangeza ukukhuzana, ukukhuthazana, nokululekana kwabazalwane nabaholi okunye nabo ebandleni, singasabali izincwadi nolwazi olunzulu oluvela kubazalwane nabefundisi abahambile ngaphambi kwethu eMlandweni weBandla. UNkulunkulu usibusisile ngeBhayibheli, nangezinye izinsiza ukuba siqonde futhi sikwazi ukwenza iBhayibheli ezimpilweni zethu.

Hlola, ngeBhayibheli, yonke imibono elethwayo emphefumulweni wakho. IBhayibheli lodwa elingumthombo weQiniso Laphezulu. Kodwa thokoza kwizindlela ezihlukene uNkulunkulu aletha ngazo IZwi Lakhe ukuba lithele empilweni yakho. Sebenzisa ngenhloso yokuthi kuzuze wena  amaMP3 anezintshumayelo, amaculo Amakhrestu, nezincwadi zaMakhrestu ezikhonela ukuba ukhule ngokukamoya. Lahla konke lokho okukhuluma kuncike kuhlakanipha okuya ngakho, kwazise konke lokho okuncike kwiBhayibheli ngokuphelele,