Impendulo elula wukuthi babengakaze babekukho ukukholwa.
Bahlubukile kithi, kwazise bebengesibo abakithi, ngokuba uma bebengabakithi bebezohlala nathi. Kepha basihlamukile ukuze babonakalise ukuthi bonke abasibo abakithi.
1 ekaJohane 2:19
Kodwa kuningi okungashiwo.
Ngokujwayelekile isizathu sokuthi labo abakumsebenzi wezikhundla zokuhola “bekushiya”ukukholwa yingoba sebengene othandweni nenye into; into ethize emhlabeni ekugcineni isivezile unkulunkulu abebemufuna, ngisho nakhona kuBukhrestu. UDema, owayeshumayela kunye noMphostoli uPawuli, uyisibonele esisinikezwa wuMbhalo salokho okuvamile nanamhlanje ( qhathanisa kwabaseKholose 4:14 no 2 Thimothewu 4:10). Njengoba omunye wophrofesa e-seminary waxwayisa iklasi ngelinye ilanga, ngezinto ezintathu eziwumthelela wokufeyila ebufundisini okuyi-mali, isifazane, nodumo ( three F’s of Pastoral failure are finances, females and fame)- zontathu lezizinto zikuhlu lezinto ezilishumi eziphezulu eziba ngonkulunkulu balomhlaba uNkulunkulu weqiniso axwayisa ngazo futhi asiyalelile ukuthi Simelane nazo. Ukweba, ukukhohlakala ngokocansi, nokufuna ukufinyelela ezintweni “ezinkulu”, ngokujwayelekile yizono lezi ezindlalela ukuphikisana nesifundiso sokukholwa esidlangalaleni bese lokho sekwenziwa indlela entsha yokuphila.
Esinye isizathu esenza “Amakhrestu”aqeqeshwe kahle ukuthi ayihlubuke inkolo yobukhrestu wukuthi sebengene othandweni nezinto ezibukeka zinzima zesifundo seZwi likaNkulunkulu ukudlula ukuthanda iQiniso lesifundo seZwi likaNkulunkulu. NaMakhrestu abaningi asathole uqoqesho oluncanyana nawo abanayo lenkinga efana nale. Sithanda lokho okungenzeka kube yiqiniso ngaphezulu kokuthanda lokho okwambuliwe njengeqiniso. Sibona ukungabaza kuyikona okuhehayo ngaphezu kwesiqiniseko, noa sithanda “ukuvivinya konke” ngaphezulu “kokubambisisa okuhle”( 1 kwabaseThesalonika 5:21). UMphostoli kaJesu wasixwayisa ngoku landela amaqiniso amasha esikhundleni seQiniso elidala ( kwabaseKholose 2:8, 18).
Labo aba “hlubuka “ukukholwa abakaze babe yingxenye yokukholwa. Kungenzeka bazijoyinisa bona kwiinkolo yoBukhrestu benza nabanye bakholwa ukuthi bayakholwa, kodwa izizathu zabo zokuzijoyinisa kuBukhrestu zazingekona ukuthi bazelwe kabusha ( 1 ekaJohane 3:9). Kungenzeka bajoyina ngenxa yokuthi kwakuwumkhuba owehliselwa kubona abazali, kungenzeka bajoyina ngoba ontanga yabo bebatshela ukuthi bayakholwa, kungenzeka bajoyina ngokungaqondi ukuthi buyini uBukhrestu, kodwa iqiniso, ukuthi noma ingaphandle labo ngokusobala lalisondelene noBukhrestu, kanjalo nokubasobala kokuphikisana noKhristu kwabo kwingaphakathi labo. Kungenzeka akubonakalanga konke ngesikhathi esisodwa, kodwa ngokuhamba kwesikhathi ngisho nabo abasawakholelwa amanga obufakazi bokukholwa kwabo.
Kuza kanjani ukuba sonke singene ngaphansi kwalokh kukhohliseka? Ngikholwe Imibhalo engithi niyayilandela, ngazi uNkulunkulu engithi ngiyakholwa kuye, bese ngiphenduke ngathi ngishiya ububi okuyibona engibufunayo.
Ukukubeka lokhu ngamanye amazwi,
Ungazishayi ohlakaniphileyo emehlweni akho;
mesabe uSimakade, uqhele ebubini.
Proverbs 3:7