Izingxoxo zikamoya eziningi phakathi kwaMakhrestu zigcina zingene ekuthene “mina yilokhu engikucabangayo”kunokuthi zithi “UNkulunkulu uthe”. Ngenxa yokuthi sibuthaka kulwazi oluthile lweBhayibheli bese siba nemibono yethu eqinile, ngokuvamile sigcina sesisho kwamanye Amakhrestu izinto esingakwazi ukuzinika ithuba lokuthi sikhule kuzona.
Kukhona ukwaneliseka okunyelelayo okutholakala ngokugxila kwizinga lokuthi “Mina ngicabanga”. Izingxoxo ezithi “mina ngicabanga”zivuleleke kwizinhlobo zonke zokuqagela okumangazayo. Sizizwa kungathi ingxoxo ikwazile ukuqhubeka, nokuthi sifundile kwabanye, nokuthi sikwazile ukubeka olwethu ulwazi ngesikhathi sibayingxenye yezingxoxo ezithi “mina ngicabanga”.
Kokunye, uma kukhona lowo olalelisise ingxoxo ethi “mina ngicabanga” bese eyiphazamisa ngenkulumo ethi “UNkulunkulu uthi”, ngokuvamile lokho kuyayimisa ingxoxo. Umphumela walapho , kuncane kakhulu esikufundayo komunye nomunye, sizwa ukuthi ivesi ngokungokwalo lanele nokuthi alidingile okungenelelayo. Uma sekuphume amazwi athi “UNkulunkulu uthe” ukuzithemba kwethu kuthi ukwehla, ngoba sizizwa engathi ukulandelela ngombuzo kwethu akusabalulekile. Umphumela walapho wukuthi, sivame ukuphetha ngokudlulela kwezinye izingxoxo zo “mina ngicabanga” siyekele ezo “uNkulunkulu uthe” kube ezabefundisi nalabo abawosiyazi beBhayibheli abahlala phambili esontweni.
Bese-ke, ngomusa kaNkulunkulu, uyakhula futhi uyengokuvuthwa kancane bese uyaqala uyabona ukuthi izingxoxo ezithi “UNkulunkulu uthe” empeleni yizona ezanelisayo ngaphezu kwalezingxoxo zo “mina ngicabanga” osuzijwayele. Kancane uyaqala ube yingxenye yezingxoxo ezithi “UNkulunkulu uthe”ezikuhlaba umxhwele, bese uyanciphisa kwizingxoxo zo “mina ngicabanga” esezibonakala ziyize futhi zingenasidingo. Ukuthakaseleka kokuhlawumbisela okwake kwenza imibono eyahlukene iziphumele nje, manje sekuthathelwa indawo wukukholelwa ngesiqiniseko kwiQniso elengamela izingxoxo zabanobuhlakani futhi abanobunkulunkulu phakathi kwethu. Uyaqala ufunde ukukholelwa kulokho OKUYIKONA ngaphezulu kwalokho OKUNGENZEKA kube yikona.
Lokhu kucaciswe ngokusobala ekuyaleleni ngobuPhostolo okubhekiswe kubefundisi kwincwadi 1 kuThimothewu 1:4.
[ uyale abathile ukuba] bangazinaki iznganekwane nezindaba zolibo lwemindeni ezingapheliyo, ezidala impikiswano kunokuba ziqhakambise isimiso sikaNKulunkulu ngokukholwa
1 kuThimothewu 1:4
UNkulunkulu unikezele incwadi yesambulo ekhuluma Ngaye uQobo, ngathi, nangalempilo esiyiphilayo. Abantu ngokuqhubekayo bahlanganisa imibono engapheleli ndawo. Ngakube uzoba ngohlakaniphile oqhakambisa Imibhalo, noma uzophakamisa okunye ukuhlawumbisela. Yenza u “mina ngicabanga” uhambelane no “UNkulunkulu uthe”. Yenza izingxoxo zilawulwe ukuthi “UNkulunkulu uthe”ukuze zizoletha ukuqonda okufanele kwabanye.