A Better Parent for Your Children

Kuyiqiniso, elidumile kona-ke elingasekelikile kahle hle, ukuthi labo abangenazo izingane bacabanga ukuthi bangaba abazali abangcono bezingane zakho, kodwa uma nabo sebenezabo izingane bayabona ukuthi nabo badinga abazali abangcono bezingane zabo. Incwadi yeZaga inguye lowo mzali ongcono. Ngakube ungumzali okhulusa abantwana bakhe ngayedwana, noma niyiqembu likababa nomama elikhulisa abantwana balo, noma ngabe uyingane engakutholi ukungenelela okuthembekile komzali, IZaga ziyakujabulela ukungenelela zinikezele usizo.

Ezinye zezithembiso eziphambili ezenziwa yiZaga wukufundisa labo abasebancane, abangazi okuningi, abasasezingeni lokukhohliseka kalula. IZaga zithembisa ukuphumelela ukubafundisa imigomo emihle abangaphila ngayo, ulwazi okumele babe sebelwazi uma sebengabantu abadala, nekhono lokukwazi ukuhlukanisa phakathi kokuhle nokubi, okungubuhlakani nokungubuwula.

 Lezi yizaga… Zibanika ubuhlakani abangenakuqonda,

ulwazi nokuqaphela kwabasha,

IZaga 1:1,4

IZaga zizofundisa izingane zakho yonke into ozizwa kungathi awukwazi ukuba fundisa yona. IZaga zizofundisa ezinye izingane yonke into abazali babo abahlulekile ukubafundisa yona. Ngokuba ngumngani weZaga nokukwazi ngempela ukufunda izaga bese uyaziqonda izaga, uzisebenzise izaga empilweni yakho, uzozuza uNkulunkulu uQobolwakhe njengomzali wakho!

IZaga zizofundisa abantwana indlela yokuthola ukuhlakanipha. IZaga zizofundisa izingane indlela yokugwema abangani ababi nokukhetha abangani abahle. IZaga zizofundisa izingane indlela yokuba umngani omuhle nendlela yokubuphatha, yokubuvuselela noma ukubuqeda lobobudlelwano bobungani. IZaga zizowugeza umlomo wengane ziwenze ube ngothokozisayo. IZaga zizofundisa umntwana indlela yokusebenza elungile ehambisana nezinga elifanele lokujabula. IZaga zizoluleka umntwana ngezinto ezimbili ezibanga inkinga enkulu emhlabeni. Imali nocansi. IZaga zizofundisa abantwana indlela yokuziluleka bona lapho bebhekene nengxabano nabantu abalukhuni. IZaga zizofundisa abantwana ukuthi babhekane kanjani nolaka. IZaga zizosiza ukwenza izinqumo ezingcono. IZaga ngokusobala zizofundisa ngalokho okulungile nokungalungile. IZaga zizoba fundisa ngeziphathimandla kanye nokukhonza kweqiniso.

Ngakube akuzona zonke izinto lezi esizifisela abantwna bethu ukuthi babe sebezazi ngaphambi ngokuthi baphume emakhaya?!

IZaga ziyatholakala mahala, kodwa ziba nomvuzo kulabo abazisebenzisayo. Isaga ngosuku singagcina usathane ekude nawe, kodwa kungesaga njalo ngosuku lapho ubuhlakani bangempela buzoba yisijwayezi sempilo.

Kuhloniphe, kuyakukuphakamisa;

kuyakukudumisa, lapho ukugona.

IZaga 4:8