Observations about Doubt

Ukungabaza kuvame ukukhipha indlela ethile yokuphendula okudlulele kithina. Begqugquzelwa umhlaba, abaningi bacabanga ukuthi ukungabaza wuphawu lokukhanyiseleka, lokukhula, nobuqotho. Kubona ukungabaza yinto enhle kakhulu. “Buza ngayo yonke into!” iyona indlela ababuka ngayo impilo, bese kuthi lapho imibuzo yabo ithola ukuphendulwa ngeqiniso, bavele basungule eminye imibuzo eminingi ngaphezulu ukwenzela ukusekela ukungabaza njengento esezingeni  eliphezulu “lomqondo osabalele”. Abanye kodwa, babuka ukungabaza njengokuba yisono esibi. Kubona ukungabaza iQiniso kubukeka njengokuvukela umbuso, ukuqhubeka belokhu bengabaze iQiniso, yilapho beqhubeka bathole isiqiniseko sokuba yisono kokungabaza, bese sebeyazilahla ngecala.

Kodwa kukona kokubili, ukukusekela ukungabaza, noma ukungabaza okwenza ugcine uzilahla ngecala akukho okuyindlela yokubhekaba nokungabaza efundiswa yiBhayibheli. Kunalokho, uMbhalo uyakuvuma ngokucacile ukubakhona kokungabaza empilweni yekholwa, kodwa uyamyala ukuba lowo ongabazayo akuxazulule ukungabaza. “Ukungabaza kukhona ngempela, kodwa kuyalungiseka”, leli yilona iQiniso elizinzile ngokungabaza.

Siyazi ukuthi ukungabaza akuphephile—buza uPhethro ( ngokukaMathewu 14:28-33). uThomasi naye angafakaza ukuthi zonke izenzo zakho zokukholwa okukhulu ziyakhohlwakala ngenxa yesenzo esisodwa esidumile sokungabaza ( ngokukaJohane 20:24-31).

Isikhathi esiningi abafundi babebanakho ukungabaza, ngasosonke isikhathi babelazi iqiniso, kodwa babesaqhubeka bamangale uma selifakazeleka. Abafundi babazi ukuthi amazwi kaJesu ahlezi ezokwenzeka, kodwa baqhubeka bamangazwa ukungatheli kwesihlahla somkhiwane esasiqalekiswe nguJesu ( ngokukaMakhu 11:20-25). Abafundi babazi ukuthi iZwi likaNkulunkulu lihlezi liqinisile, kodwa baqhubeka bamangazwa ukuvuka kukaJesu emva kwezinsuku ezintathu ezazibikezelwe ( ngokukaLukha 24:36-49). Ukholo lwaluzobenza abafundi bamemeze bathi “yabona nginitshelile”kunokuthi  bamangale kuzona zonke lezizigameko. Ukungabaza yinto ekhona kumakholwa, kodwa njengoba impendulo kaJesu ikhombisa, akusiyona into esingaziqhenya ngayo.

Kwabase Roma 14:23 lowo ongabazayo ubizwa ngomzalwane obuthaka, lowo ongavuthiwe, odinga ukuba aqaphelisise unembeza wakhe ongenalo ulwazi olwanele. kuJakobe 1:5-8 ukucela kwethu kuNkulunkulu sicela ukuhlakanipha ngeke kuphendulwe uma singabaza ukuthi uNKulunkulu unguNkulunkulu ophaya ngokukhululekile. Impela kungukuvukela umbuso ukucela uNkulunkulu into ethile bese uyangabaza iqiniso elisobala elambuliwe ngokwemvelo Yakhe epha ngokuchichimayo.

Ukungabaza kukhona, kodwa kuyalungiseka. Ukungabaza akusiyona into enhle, futhi akusona isono esibi kakhulu saphakade. ITestamente Elisha liqukethe iseluleko esihle esifushane ngokungangabaza okuyingcosana kakhulu eke isifunde. Kukhona iQiniso ngokuNgabaza, sizolithola kwisifundiso sakusasa.

Iculo elingesiNgisi:

O doubting, struggling Christian,
  Why thus in anguish pray?
O cease to doubt and struggle,
  There is a better way.

Give up thy will to Jesus,
  And trust Him though He slay;
Hush all thy fears and questions,
  And settle it today

O soul so tossed with tempest,
  Upon His promise stay;
Cast out faith’s strong sheet anchor,
  And settle it today

Lord, I give up the struggle,
  To Thee commit my way;
I trust Thy word forever,
  And settle it today.

Hymn “O doubting, struggling Christian” by Albert B. Simpson (1843-1919)