“Ningethembi ezikhulwini nasendodaneni yomuntu okungekho kuyo ukusiza. Umoya wakhe uyaphuma, yena abuyele emhlabathini wakhe; ngalona lolo suku amacebo akhe ayaphela
Amahubo 146:3-4
“Kholwa kuwena” *isikhali sengqondo (mantra)sokuzisiza sesikhathi sanamhlanje. Lapho isisho esinjalo sivela khona, nokuthi kwenzeka kanjani sigcinwe sisetshenziswa, kuyinselele ingqondo ehluzekile engenakuyiphendula. Noma kunjalo, ngokusithumela ezinkundleni zokuxhumana, abantu abaningi bathola uhlobo oluthile lwesikhuthazo oluyinqaba, bathola ngisho nenjongo ethile ekuphileni.
Mhlawumbe sithandwa kakhulu ngoba sisetshenziswa ngendlela yokuthi singabi nhlobo nencazelo eqondile. “Kholwa kuwena” kungasho noma yini ofuna ukuba kukusho, ngaphandle kwalokho okushiwo amagama.
Amagama qobo lwawo kulesisho “kholwa kuwena” anikezela umqondo onemibono yezenkolo. Eqinisweni, “ukukholelwa kuwena” kuwukubeka ithemba lakho empilweni yakho ( okuwukuziphikisa wena njengoba ungeyena umninimandla onke), ukusekela ukuqonda kwakho ngempilo kukuhlakanipha kwakho (okuwukuzikhohlisa njengoba ungeyena owazi konke), ukuzikhonza (okuyinto ezokwenza ulahlwe kuze kube phakade njengoba ungeyena uNkulunkulu), nokuzibheka njengento ebaluleke kunazo zonke izinto empilweni yonke (nakanjani okuholela kuhlobo lokuzithemba olusebenzisa izinto zonke ngendlela engalungile ezophumelelisa wena).
Mhlawumbe yile ncazelo yokugcina eyenza lesisho “kholwa kuwena” samukeleke kalula nakubantu abanomqondo olula. Kukhanga umuzwa wethu wokuzizwa sibalulekile. Kuphela, ichaza ukubaluleka kwakho ikuncikisa kuwe, ikwenza kuphinde, kungabi namqondo.
Ukubaluleka kwethu akukho kithina. Ukubaluleka kwethu kuncike ekudalweni ngokomfanekiso kaNkulunkulu. Ukubaluleka kwethu njengaMakhrestu ngukubizwa ngokuthi singabantwana bakaNkulunkulu. Ngakho-ke ukukholwa kwethu, kuzona zonke izinto, akukho kithina, kodwa kukuNkulunkulu wethu.
Ngokuzayo lapho utshelwa ukuthi “ukholelwe kuwena”, phendula ngevangeli elisibizela ukuba sikholwe kuNkulunkulu, ngoba Mukhulu kunathi, Uhlakaniphile kunathi, Ubaluleke ngaphezu kwethu, futhi ngokuba enguNkulunkulu, Nguye yedwa okufanele sibeke Kuye ukholo lwethu, ukwethemba, kanye nokuthi sibengabethembekile Kuye.
Ubusisiwe umuntu owethemba uSimakade,
ongaphendukeli kwabazikhukhumezayo,
nakulabo abaphambukiswa ngonkulunkulu bamanga.
AmaHubo 40:4
*(Mantra– uhlobo lokucabanga ekukholelwa ukuthi lufinyelelisa umuntu ekujuleni koqobo lwakhe aphinde afinyelele emandleni amakhulu okuguqula izimo zempilo yakhe)