What do you do with a Holy God?

UNkulunkulu uNgcwele. Lokho kuchaza ukuthi Wahlukanisiwe kunezinto zonke futhi ukwisigaba sokuphelela yena Yedwa. Kuphinde kuchaze ukuthi uNkulunkulu umsulwa futhi ulungile ngokwesimilo, ngokuphelele akukho lutho Kuye olungalungile noma olubi.

Uma ngabe uNkulunkulu ongcwele ubeyikhehla nje elibuthaka elihlala ndawana thize ogwadule, bekungeke kwasithinta kangako lokho. Kepha uNkulunkulu ongcwele unguMdali wakho, kanye noMahluleli wakho wokugcina. Ngakho ubungcwele bukaNkulunkulu budinga impendulo yethu.

Ngemuva kokuba uNkulunkulu ekhombise ubuNgcwele Bakhe obubabazekayo kwisizwe sakwaIsraeli eNtabeni yase Sinayi waphinda wamemezela ngobuNgcwele Bakhe ngokwesimilo kubona kuwo uMthetho Wakhe, abantu baphendula ngomzwelo wemvelo ngalendlela:

Bonke abantu babona ukuduma nokunyazima kombani , nezwi lecilongo, nentaba ithunqa; kwathi abantu sebebonile, bathuthumela, bema kude. Bathi kuMose: “Khuluma wena kithi, sizwe; kepha uNkulunkulu makangakhulumi kithi, funa sife.” UMose wayesethi kubantu: “ Ningesabi, ngokuba uNkulunkulu uze ukuba anivivinye,ukumesaba kube semehlewni enu, ukuze ningoni.”

Eksodusi 20:18-20

Impendulo ecishe ifane kubo ubuNgcwele bukaNkulunkulu iyo echaze ngokucacile isimo uIzaya aba ngaphansi kwaso.

Ngase ngithi: “ Maye kimi! Ngokuba ngiphelile, lokhu ngingumuntu ozindebe zakhe zingcolile, futhi ngihlezi Phakathi kwabantu abazindebe zabo zingcolile, ngokuba amehlo ami abonile iNkosi uJehova Sebawoti.” Kepha landizela kimi elinye lamaserafi liphethe ilahle elivuthayo esandleni salo, elalilithathe ngodlawu e-ealtare, lathinta umlomo wami, lathi : “Bheka, lokhu kuthintile izindebe zakho; ububi bakho sebususiwe, nezono zakho zihlanguliwe.”

U-Izaya 6:5-7

Yini oyenzayo ngoNkulunkulu Ongcwele? uyathuthumela ngokucabanga loluhlobo lobungcwele, uyakubona ukungabi ngcwele kwakho, uyakwamukela ngokubonga ukuxolela Kwakhe izono zakho, ngenhloso yokulahla imisebenzi yakho yokona.