Does your religion help you overcome sin?

Ngobude beminyaka umuntu ayiphilayo kulomhlaba, yilapho kukhula ngokusobala ubufakazi bokuba yizeleze kwenkolo yamanga. Umkhonzi ovuthayo ukwedlula abanye ngosuku olulodwa lweviki angaba ngokhohlakale, ongabongiyo, oziphakamisayo, nongumkhohlisi ukwedlula abanye kwizinsuku nje ezimbili ezilandela lapho. Ngokudabukisayo lokhu kuyiqiniso nangokukhonza kwamanga ngaphansi kwegama loBukhrestu futhi.

Kwinkulumo yokuphikisana ngomehluko phakathi kwezinkolo ezahlukene, iqiniso lokuthethelelwa kwezono liyisihloko esisemqoka. Kodwa ngokunjalo nendaba yokunqoba izono bese uphila ngokulunga kakhudlwana. KwabaseKholose 2:23 sithola elinye lamavesi asemqoka kakhulu anikezela ukushintsha komqondo enkulumweni kumavesi akwiTestamente Elisha, futhi liyivesi elinikezela ukushintsha komqondo enkulumweni kusukela kwinkulumo engezeleze lwenkolo yamanga ( ngisho nakuMakhrestu) kuya kwinkulumo engobungcwele obubonakalayo bokukhonza kweqiniso.

Konke lokhu kubonakala sengathi kunokuhlakanipha kokwenza abantu baziqokele inkolo eluthayo, nokuzenza abathobileyo, nokukhandla umzimba, kodwa akusizi ngalutho maqondana nokuzithiba ezinkanukweni zenyama.

KwabaseKholose 2:23 (kufakwe isigcizelelo)

Igama u-“Konke” likhomba emuva kusona sonke isahluko kwabaseKholose 2:8-22, kubalwa phakathi izenzo zokukhonza ezinjenge-filosofi (ulwazi oluqondene nezimfihlo zokudabuka kwezinto), amasikompilo, imikhuba yezenkolo, yimpi kamoya, imikhosi, ukudla, kanye nemigomo yokuphuza, amaholide, ukuzilimaza umzimba okuwumgomo wenkolo, ukukhonza izingelosi, imibono, imithetho emiselwe ukwenziwa kwezinto ezithize, nezimfundiso zabantu. Ukuhlaziywa kwakho konke kugoqwa ngokuthi “ konke lokhu kubonakala sengathi kunokuhlakanipha kokwenza abantu baziqokele inkolo eluthayo…kodwa akusizi ngalutho maqondana nokuzithiba ezinkanukweni zenyama”. Zonke lezizinto zikwenza ube ngumuntu wenkolo, kodwa ayikho kuzona ekwenza ube nobunkulunkulu.

Bese, isahluko kwabaseKholose 3 sibhekane nodaba lokuthi ukukholwa kweqiniso kukuqanda kanjani ukuzanelisa ngezinto eziyimikhuba yenyama. Okokuqala, kumelwe uvuswe kanye noKhristu ( inhlansana yalokhu ibisinikezelwe ku 2:11-15). bese udinga ukufuna uKhristu nakho konke Aphathelene nakho. Ukukwenza kube umsebenzi ophathekayo, qala uqaphelisise izono empilweni yakho, yakha uhlu lwazo, bese uyaqala ukuzibulala ngasinye ngasinye.

Ngakho-ke bulalani amalungu enu asemhlabeni:

ubufebe,

ukungcola,

ukuhuheka,

inkanuko embi,

umhobholo, nokukhonza izithombe:

…….Kepha manje lahlani konke lokhu:

ulaka,

ukuthukuthela,

ububi,

ukuhlambalaza,

nokukhuluma amahlazo ngemilomo yenu.

Ningaqambi amanga omunye komunye,

KwabaseKholose 3:5-9

kodwa ukukhumula izono empilweni yakho kuyingxenye eyodwa yempi. Enye ingxenye ithanda ukukhuthaza kakhudlwana, ukwenziwa musha okufuze ukuba njengoKhristu. Ukukhonza kweqiniso ngeke kuphela kuqande ukuzitika ngezinto zenyama, kodwa kuzokhiqiza ukubunjwa ube ngumfanekiso woMdali (kwabaseKholose 3:10)

Ngakho-ke njengabakhethiweyo bakaNkulunkulu, abangcwele nabathandekayo, yembathani ububele enhliziyweni;

isisa,

ukuzithoba,

ubumnene,

nokuqinisela ekuhluphekeni;

nibekezelelane,

nithethelelane;

Phezu kwakho konke lokho, yembathani uthando….

Ukuthula kukaKhristu makubuse ezinhliziyweni zenu,

yibani ngababongayo.

Izwi likaKhristu malihlale kini njalo,

kwabaseKholose 3:12-17

Iphuzu yileli. Uma yonke imisebenzi yenkolo yakho ingakwenzi ukhule ekubeni njengoKhristu ngokwezinto ozazisayo empilweni, kwindlela owenza ngayo izinto, kwimicabango, ngokwamazwi owakhulumayo, kubudlelwano, kwindlela yokuziphatha, nakwindlela obuka ngayo izinto, lapho-ke ungumuntu onenkolo nje awunalutho oluphathekayo oluqondene nezinto zikamoya. Kodwa uma uvusiwe ngokukamoya kunye noKhristu, lapho-ke kuzokhombisa ngezindlela ezikhulayo empilweni yakho.

Imisebenzi yezenkolo ayizixoleli izono. UKhristu uyazithethelela izono, azibethele esiphambanweni, futhi uyanqoba phezu kwamandla obumnyama ekhulula labo abahlengiwe esonweni ukuba bahambe ekuphileni okusha.

enasokelwa kuye, hhayi ngokusoka okwenziwa ngezandla ngokukhumula umzimba wenyama, kodwa ngokusoka kukaKhristu; nimbelwe kanye naye ngombhabhadiso, okungawo futhi navuswa kanye naye ngokukholwa ngamandla kaNkulunkulu owamvusa kwabafileyo.

Nani-ke ebenifile ngeziphambeko zenu nokungasokwa kwenyama yenu, wanenza ukuba niphile kanye naye, esithethelela zonke iziphambeko zethu. Wayesula incwadi yecala lethu, eyayimelene nathi ngemiyalo ekuyo, wayisusa ngokuyibethela esiphambanweni. Wabephuca izikhali ababusi nabanamandla, wabathela ngehlazo obala, ebanqoba ngesiphambano.

KwabaseKholose 2:11-15