“Deception, Anointing, and the Bible”
Nganilobela lokho maqondana nalabo abanidukisayo. Nina-ke, ugcobo enalwamukela kuye luhlala kini, anidingi ukuba anifundise, kodwa lokho kunigcoba kwakhe yikhona okunifundisayo ngakho konke; kuyiqiniso, akusiwo amanga, njengalokhu-ke kunifundisile, hlalani kuye.
1KaJohane 2:26-27
Wonke uMkhrestu wamukelile ugcobo oluvela kuNkulunkulu. Luvela kuNkulunkulu, luhlala kini, lunifundisa ukuhlala kuKhristu. Lolugcobo luyingxenye yesibusiso sikaNkulunkulu asehlisele Abakhe ukubavikela kulabo abazama ukubadukisa. Uma sihlala eZwini likaNkulunkulu elibusiswe nguMoya kaNkulunkulu, laphoke siyohlala njalo skuKhristu.
Yilokho lamavesi akwincwadi yoku-1 KaJohane akhuluma ngogcobo lwakho angakho. Ujonane uqinisekisa ukuthi uma ugcina ikhanda lakho kumakhasi oMbhalo, bese uzithobisa kuMoya kaNkulunkulu, lapho-ke uzoba nakho konke okudingayo ukuzivikela wena ekudukisweni. Simelwe “ukuhlala kwiQiniso” ngendlela yokuthi sikholelwe kulo ngokuqinile njengalona izinga lokholo nobungcwele bonke abafundisi, okuthi noma bengaba wusizo kangakanani, bahlolwe, hhayi ngokubaluleka kwabo, kodwa ngokuzibophezela kwabo eZwini likaNkulunkulu. U-vesi 26 uqinisekisa isidingo sabantu abanjengo Johane ukuba basifundise, kodwa uvesi 26 uyanezezela ngokusobala ukuthi ugcobo lwethu lunezelelwe njengendlela yokusiqapha ukuze sisizwe ngabafundisi beqiniso futhi sivikeleke kubafundisi bamanga.
Kwicebo likaNkulunkulu lokufinyelela kithina esiyizoni, bese futhi kwicebo likaNkulunkulu lokusingcwelisa thina esesenziwe abazalwane, uNkulunkulu ukumisile ukuba abafundisi abaningi abangabantu babe yingxenye yecebo lakhe. Kodwa uNkulunkulu futhi usinikile ugcobo okunguye osifundisayo thina. KuJohane 14:26 nakuJohane 16:13-14, siyazi ukuthi lolugcobo akusiye omunye ngaphandle kukaMoya Ongcwele uQobolwakhe. U-Nkulunkulu usinikezelile abafundisi beBhayibheli abahle kanye noMoya Ongcwele ukusivikela ekudukisweni.
U-John Stott ukufingqa ngendlela enhle kakhulu esebenzisa lamagama:
I-Zwi liyindlela yokuvikela ngokungokwalo alincike ndawo, ngenkathi ugcobo lukaMoya Oyingcwele luncike kwinkambo yomuntu; kodwa kokubili ukufundisa kobuphostoli nomfundisi wasezulwini kuyisidingo ekuqhubekeni njalo eqinisweni….kokubili kumelwe kubanjisiswe ngokwenkambo nangokokugcwaliswa ngeZwi. Lena yiyona ibhalansi ngokwebhayibheli okukancane ukuthi igcinwe. Abanye baphakamisa iZwi bese bazibe uMoya okungu yena kuphela okwazi ukuhumusha; abanye baphakamisa uMoya bazibe iZwi okuyilona Athathisela kulona uma Efundisa. Okuyiyona kuphela indlela yokuvikeleka emangeni ukuba ngaphakathi kwethu kuhlale kokubili iZwi esilizwile kusukela ekuqaleni kanye nogcobo esiluthola luvela kuye.
– John Stott, 1 John, Tyndale New Testament Commentary, 118(ihumushwe ngendlela ezokwazi ukubamba umongo ukuze yakhe umqondo kwisiZulu. Ngakho kubekhona ukwenezelelwa kwamagama)
I-Zwi likaNkulunkulu elifundiswa nguMoya lizosivikela ekudukisweni, ngakho ngokushisekela okukhulu hlala kulo iZwi bese uhamba ngoMoya.