The one thing that will get your life on track and keep it so
Omusha angayingcina kanjani indlela yakhe ihlanzekile na?
IHubo 119:9a
Lombuzo akusiwona othuke wafika wensizwa esencane iphila impilo elungile bese ngokungenzi lutho izitshele ukuthi izoyigcina ngaleyondlela. Kunalokho, wumbuzo wensizwa esencane ebheka ukuhamba kwendlela yayo, ibone ukuthi idinga ukuphila impilo ethe ukukhula ebunkulunkulwini kunalokho eyibo ngalesosikhathi, bese izibuza ukuthi yini engayenza ukwenza impilo yayo ihleleke futhi igcineke ilungile ngokukamoya
“Omusha angayigcina kanjani indlela yakhe ihlanzekile na?” “umuntu nanoma yimuphi angayiphila kanjani impilo elungile nehlanzekile kulomhlaba?” lombuzo udla wonke amajele abantu abasha, zonke izikhungo ze-sociology ezisemanyuvesi, kanye nezinhlangano ezibhekelela ukunakekelwa kwabantwana…ngisho namabandla alokhu ewubuza lombuzo wokuthi ingagcinwa kanjani intsha ebandleni, engathi lombuzo usasihlasele. “Yiluphi uhlelo esingalusebenzisa ukwenzela abantu abasha bangamoshi ubusha babo, esikhundleni salokho lubalungiselele impilo enozinzo nenhlanzekile impilo yabo yonke?”
Kuyiqiniso ukuthi izinquma zasebusheni bethu ziba nomthelela ekutheni kwenzekalani kwimpilo yethu yonke. Ngakho, uma, ngesikhathi ezidinga izinqumo empilweni, sifuna ukunika umuntu into yokuhlanza impilo yakhe bese eyingcina ngaleyondlela, yini esingamnika yona?yiziphi izimpendulo ozoinika umntwana wentombazane oseHigh School ocabanga isiluleko esiyingcindezi sabazali bakhe sokukhipha isisu? Iyiphi impendulo oyinika usomabhizinisi olahlekelwe yikho konke wabe eseba nesikhulu isikweletu ngenxa kaphathina webhizinisi omucekele phansi? Yiziphi izimpendulo ozinika insizwa esencane ozama ukuphuma kwizidakamizwa? Iyiphi impendulo oyinikeza umsebenzi osebenza ngokuzikhandla ozama ukusebenza ngobuqotho ngaphansi kwezimo zokusebenza ezinenkohlakalo? “Kungeza kanjani, uma indlela ikhona, ukuthi umuntu osemusha, agcine, izindlela zakhe zilungile?”
Abanye banika umbono othi uDaniyelo owabhala leliHubo—umfana omusha, mhlambe owayeyi bhobhodleyana, ozalwe ebukhosini, onemuva elinengcebo, ikholwa langempela. Wabe, esethunjekwa ezweni okungesilo elakubo, waphoqelelwa ukusebenzela izitha zezepolitiki zabazali bakhe, ephakathi kwenqwaba yezinye izinsizwa ezisencane ezaziqhamuka emhlabeni wonkana—okwakungabanye abathathu kuphela ababe nokwesaba uNkulunkulu weqiniso. Udaniyeli uzilungiselela kanjani impilo elungile? Wena njengoMkhrestu uzilungiselela kanjani ukuba nempilo elungile? Ukube uma ngaba nethuba elilodwa ukusiza bonke abantu bazilungiselele bona impilo eqotho, yikuphi ongakwenza? Wumbuzo lo osilungiselela istanza sesibili yeHubo 119.
Impendulo eyisingeniso ayinanazi, ingokomoya, futhi iqonde ngqo
Omusha angayingcina kanjani indlela yakhe ihlanzekile na?
Ngokugcina okwezwi lakho.IHubo119:9
Impendulo ayiqali ngokuthi “ey, ngicabanga”, noma “ konake, ucwaningo ngabantu luthole ukuthi”, noma “ngemva kweminyaka sabona ukuthi “, kodwa ngokusobala iyaqinisekisa “Ngokugcina okwezi lakho”—iqonde ngqo ngokungananazi.
Kodwa ukuqonda ngqo kwempendulo ngokungokwakho kunesisindo esincane. Lempendulo ayicacile nje kuphela kodwa ingokukomoya. Iyi mpendulo okuyiyo ethembekile ukudlula imibono yabantu, ucwaningo lwabantu noma injulo yabantu. Impendulo igalamagama “okwezwi lakho”– IZWi likaNkulunkulu. Umbuzo oqala lelivesi ujwayelekile kubantu bonke, kodwa impendulo evala lelivesi yimpendulo efinyelela ngaphezulu kokuqonda , ukwenza kwabantu. Lempendulo yimpendulo elungiselelwe yimicabango kaNkulunkulu, yabe isipakishwa kahle yathunyelwa kubantu nguMoya Ongcwele. Sinempendulo evela kuMdali wethu. Sinempendulo ephelele, engena phutha, engoniwanga ukuhluleka kwemizamo yabantu.
Lokhu kuchaza ukuthi-ke, ukuthi impendulo enikezeliwe nayo ayincikile kwimibono ethile. Iqondile, ingokomoya futhi ayincikile kweminye imibono. Unkulunkulu akazange asishoye sizidwanguzela nje kulempilo, kodwa usinikezele iZwi Lakhe. Impendulo esingayinikezela kubona bonke abantu, kakhulukazi uqobolwethu, maqondana nokuthi siyihlanza kanjani impilo yethu futhi siyingcine ilungile, itholakala kwiZwi likaNkulunkulu elambuliwe. Asisadingi ukugijima sisuka komunye umbono wabantu siye komunye. SineZwi likaNkulunkulu. Sinempendulo efanayo kuwona wonke umuntu, engafundwa, iphinde ifundwe, itadishwe bese iyachazwa.
Asisavalelekile kukuthi :”ngicabanga ukuthi”—sikhululwe wu “Kusho uSIMAKADE”