A Weekly Plan for Godliness – Wednesday
nokho zejwayeze ukumesaba uNkulunkulu, ngokuba ukuvocavoca umzimba kusiza kancane, kodwa ukwesaba uNkulunkulu kusiza ezintweni zonke, futhi kunesithembiso kulokhu kuphila nakulokho okuzayo.
1 Timothy 4:7b-8
ULwesithathu: DLINZA NGEZWI
othokoza ngoMthetho kaSIMAKADE, azindle ngawo imini nobusuku.
IHubo1:2
Ngizozindla ngeziyalezo zakho, ngizihloniphe izindlela zakho.
IHubo119:15
Ukudlinza kuwukuba nenhloso yokubuyisa emqondweni lokho okufundile eZwini likaNkulunkulu. Nansi indlela yokulekelela ukudlinza kwakho ngeZwi futhi uze uxhumane nomunye umzalwane ngokwenza kona lokhu.
- Buyekeza insthumayelo yangeSonto. Funda incawdi okwakushunyayelwe kuye ngeSonto ophuma kulo. Bona ukuthi ungayikhumbula yini incwadi ekushunyayelwe kuyo, namaphuza owanikiwe ukwenza lokho okufundile kwincwadi ebivuliwe.
- Thumela umyalezo omfushane komunye obekhona naye enkozweni kade kuthulwa lomyalezo bese uhlola lokho okukhumbulayo ngalokho yena akukhumbulayo.
