Icebo leviki neviki lokubangcwele-ULwesine

A Weekly Plan for Godliness – Thursday

nokho zejwayeze ukumesaba uNkulunkulu, ngokuba ukuvocavoca umzimba kusiza kancane, kodwa ukwesaba uNkulunkulu kusiza ezintweni zonke, futhi kunesithembiso kulokhu kuphila nakulokho okuzayo. ..

1KuThimothewu4:7b-8

ULwesine: FUNDISA OMUNYE UMUNTU

Ngakho-ke hambani, nenze izizwe zonke abafundi,……Nibafundise ukukugcina konke enginiyale ngakho.

NgokukaMathewu28:19-20 

Izolo inhloso yokubuyekeza intshumayelo yangesonto bekuqondene nawe nomunye umzalwane ukuba nidlinze ngeZwi likaNkulunkulu. Namhlanje lesosenzo siyaphindwa, kodwa siqondene nomunye obengekho enkonzweni, mhlampe umuntu ongakholelwa ngisho nakwiBhayibheli.

  1. Buyekeza intshumayelo yangeSonto. Khumbuzisa umqondo wakho masinyane okuyilona iphuzi eliwungogodla wencwadi ebekushunyayelwa kuyo.
  2. Bhala phansi amaphuzwana ambalwa ukwenzela ukuthi ukwazi ukufundisa ezinye zezinto ozifundile ngeSonto.
  3. Khuluma to nomunye obengekho enkonzweni ngeSonto, bese umthathe umbeke ngokuthi umxoxele kabusha kodwa kafushane intshumayelo. Kungaba lula kanje …
    Enkonzweni ngeSonto umfundisi wami ushumayele [yisho incwadi ebivuliwe]. Bengilokhu ngicabanga ngayo kancane izolo nanamhlanje futhi , bengingathanda ukwabelana nawe ngalokho esikufundisiwe [ funda incwadi ebivuliwe]. Iphuzu elisemqoka yileli [ yisho iphuzu elisemqoka]. Ngokusobala libalulekile kuNkulunkulu ukuthi angaze alifake eBhayibhelini. Ukujwayele ukufunda iBhayibheli? Ngingaphinda ngolwesinie oluzayo ngabelane nawe ngesikufundile kwintshumayelo yakuleliSonto?
Scroll to Top