A Weekly Plan for Godliness – Thursday
nokho zejwayeze ukumesaba uNkulunkulu, ngokuba ukuvocavoca umzimba kusiza kancane, kodwa ukwesaba uNkulunkulu kusiza ezintweni zonke, futhi kunesithembiso kulokhu kuphila nakulokho okuzayo. ..
1KuThimothewu4:7b-8
ULwesine: FUNDISA OMUNYE UMUNTU
Ngakho-ke hambani, nenze izizwe zonke abafundi,……Nibafundise ukukugcina konke enginiyale ngakho.
NgokukaMathewu28:19-20
Izolo inhloso yokubuyekeza intshumayelo yangesonto bekuqondene nawe nomunye umzalwane ukuba nidlinze ngeZwi likaNkulunkulu. Namhlanje lesosenzo siyaphindwa, kodwa siqondene nomunye obengekho enkonzweni, mhlampe umuntu ongakholelwa ngisho nakwiBhayibheli.
- Buyekeza intshumayelo yangeSonto. Khumbuzisa umqondo wakho masinyane okuyilona iphuzi eliwungogodla wencwadi ebekushunyayelwa kuyo.
- Bhala phansi amaphuzwana ambalwa ukwenzela ukuthi ukwazi ukufundisa ezinye zezinto ozifundile ngeSonto.
- Khuluma to nomunye obengekho enkonzweni ngeSonto, bese umthathe umbeke ngokuthi umxoxele kabusha kodwa kafushane intshumayelo. Kungaba lula kanje …
Enkonzweni ngeSonto umfundisi wami ushumayele [yisho incwadi ebivuliwe]. Bengilokhu ngicabanga ngayo kancane izolo nanamhlanje futhi , bengingathanda ukwabelana nawe ngalokho esikufundisiwe [ funda incwadi ebivuliwe]. Iphuzu elisemqoka yileli [ yisho iphuzu elisemqoka]. Ngokusobala libalulekile kuNkulunkulu ukuthi angaze alifake eBhayibhelini. Ukujwayele ukufunda iBhayibheli? Ngingaphinda ngolwesinie oluzayo ngabelane nawe ngesikufundile kwintshumayelo yakuleliSonto?
