Zonke lezozinkolo ezinye

All those other religions

Akusiyona imfihlo ukuthi Amakhrestu amaningi athi akhonza uNkulunkulu weqiniso futhi ukukholwa kwawo ayakuphila ngeqiniso. Kodwa akusiyena wonke umuntu ongaba ukhuluma okuyiko, kungenzeka kanjalo? Sazi kanjani ukuthi uBukhrestu abusiyina enye yeziningi izinkolo ezingamanga? Yini le ehlukile ngoBukhrestu? Uma omunye ovela kwenye inkolo eza kuwena futhi eza emsulwa futhi ngeqiniso, ungakwazi kanjani ukuthi ufinyelele kuzona zinto ezisemqoka ukwenzela ukugcina umqondo wakho eqinisweni?

Njengalokhu iVangeli lingashintshi futhi ngempela alikho nzima, okuyizona izinto eziwukhiye phakathi koBukhrestu nezinye izinkolo zihlezi zifana (ngisho nakwizinhlelo ezigqilaza abantu ezizibiza ‘ngoBukhrestu’). Nanoma ikanjani izinto eziwukhiye indlela omunye abona ngayo:

  1. UMbhalo (uphefumulelwe nguNkulunkulu futhi wanele ngokuphelele ngokungokwawo )
  2. UNkulunkulu (Ngokuphelele uyathanda, ulungile, ungcwele futhi ungowaphakade)
  3. UJesu (nguNkulunkulu, uMsindisi, INkosi)
  4. insindiso (ingomusa ngokukholwa kuJesu Khristu kuphela), kanye
  5. nempilo emva kokufa (Ngemuva kokufa kuza ukwahlulelwa, bese kuba impilo yaphakade ezulwini noma esihogweni).

Lokho okukholwayo ngalezizihloko zonhlanu, yikona okunqumayo phakathi kokukholwa kweqiniso noma okwamanga. Lezizihloko zonhlanu yizona ezihlukanisa ngokucacile uBukhrestu beqiniso kukonakonke okunye.

Isibonelo, Ofakazi bakaJehova abakholelwa ukuthi uJesu unguNkulunkulu ngokuphelele. Ama-Mormon abeka isilinganiso somthamo wabazoba nempilo yaphakade kube u144 000 bese bathi incwadi yamaMormon iyafana noma isesigabeni esingaphezulu kwesoMbhalo. Amakhatholika athi uMariya nombhabhathizo nakho kubalulekile ukuze sisindiswe. Inkolo yeNew Age iyabuphika ubuNkulunkulu bukaJesu, kodwa bathi yonke into eyaseZulwini. I-Islam iyabuphika ubuNkulunkulu bukaJesu futhi idinga enye incwadiesikhundleni seBhayibheli. Inkolo yobuJudah ayimamukeli uJesu njengeNdodana kaNkulunkulu bese ithi insindiso iza ngokugcina uMthetho kaMose. Inkolo yamaHindu ineqwaba yonkulunkulu ngaphandla kukaNkulunkulu neqwaba yemiqulu ebhaliwe ngaphandle kweMibhalo. Inkolo yeBuddhism ikholelwa ekuphindeni ubuye ube ngomunye umuntu esikhundleni sokwahlulelwa nesimo sempilo yaphakade okuza emva kokufa. I ‘Church of Christ’ imise ukubhabhadiswa ngamazi ukuze usindiswe. AmaSeventh Day Adventists amise ukugcina iSabatha ukuze kuphelele insindiso futhi ayayiphika impilo yaphakade ngemuva kokufa.

Akukhathaleki ukuthi iyiphi inkolo yamanga, izinto eziyinkinga zihlezi zipahthelene nalokho umuntu akukholelwayo ngeMibhalo, ngoNkulunkulu, ngoJesu, ngensindiso nangempilo emva kokufa.

Iqiniso ukuthi:

  1. UMbhalo uphefumulelwe nguNkulunkulu futhi uphelele ngokungokwawo maqondana nazozonke izinto eziphatheleni nokuphila impilo yokukholwa (2 KuThimothewu 3:16-17; 2 ekaPhethro 1:19-21)
  2. UNkulunkulu unguNkulunkulu wothando nobulungiswa okuphelele (ngokukaJohane 3:16; KwabaseKholose 3:25)
  3. UJesu nguye yedwa uNkulunkulu weqiniso,nguye yedwa uMsindisi walomhlaba, nguye yedwa INkosi (KwabaseKholose 2:9; KumaHebheru 1:3; ngokukaMathewu 1:21; KwabaseRoma 10:9)
  4. Insindiso ifezekisiwe lapho uNkulunkulu esebenza ngomusa Wakhe enzela umuntu ongakwazi ukuzisindisa yena ngokwenza kanjalo uNkulunkulu uyamxolela isono umuntu bese kunalokho akhiqize ukulunga nokuphila kwaphakade (Thithu 3:4-7; KwabaseEfesu 2:1-10)
  5. Impilo ngemuva kokufa ingukwahlulellwa okufika kanye, bese-ke kuba ukuphila kwaphakase eZulwini noma eSihogweni kuya ngokwahlulelwa komuntu ngayedwa ngokwahulelwa okungenzeleli kukaNkulunkulu.(KumaHebheri 9:27; ngokukaMathewu 25:46)

Uma lezizici zonhlanu zokukholwa kweqiniso kungakholelwa kuzo, laphoke akukho ukukhonza kweqiniso. Yazi ukuthi utheni uNkulunkulu. Ukwambulile kithina, labo abakholelwa Kuye, bayasindiswa (KwabseRoma 10:9-11).

Scroll to Top